Amaphoyisa aseMelika abophe owesilisa wase-Libya okusolwa ukuthi wenza ibhomu elacekela phansi indiza yabagibeli eminyakeni engu-34 edlule.
Eminyakeni emibili edlule u-Abu Agila Masud wathweswa icala ngokubandakanyeka kwakhe ekuqhunyisweni ngebhomu indiza i-Pan Am 103 phezu kwe-Lockerbie, e-Scotland okwashona abantu abangu-270 kule nhlekelele.
Ukuqhuma kwendiza i-Boeing 747 kuyisigameko samaphekula esiyingozi kunazo zonke esake senzeka kanti singesesibili ngobukhulu eMelika. Okukhulu kunakho konke kwaba ukuhlaselwa kwe-World Trade Center ngomhlaka-11 kuMandulo ngo-2001.
Indiza i-Pan Am 103 yayisuka e-London ngomhlaka-21 kuZibandlela ngo-1988 kanti yayisendleleni eya esikhumulweni sezindiza i-John F Kennedy, e-New York inabagibeli abangu-259 okubalwa kubo nabasebenzi.
Bonke bashona kule ngozi kanti abanye abantu abangu-11 bashona e-Lockerbie ngesikhathi izicucu zendiza zicekela phansi amakhaya abo.
Okhulumela uMnyango wezobuLungiswa eMelika utshele i-Reuters ukuthi uMasud uzovela okokuqala enkantolo e-Washington.
Eminyakeni emihlanu edlule ubedonsa isigwebo ejele lase-Libya ngakho ukwenza amabhomu.
U-Abdelbaset al-Megrahi walahlwa icala lokuqhumisa indiza ngebhomu. Uyena yedwa umlisa owalahlwa icala lokuhlasela.
U-Al-Megrahi wagwetshwa udilikajele ngo-2001 wabe esededelwa nguhulumeni wase-Scotland ngo-2009 ngemuva kokutholakala ukuthi unomdlavuza. Washonela ezweni lakubo ngo-2012.
I-Reuters ibika ukuthi i-Crown Office kanye ne-Procurator Fiscal Service yase-Scotland ithe basebenzisana nohulumeni wase-United Kingdom nozakwabo baseMelika kuleli cala.
“Sizoqhubeka nokuqhuba lolu phenyo ngenhloso eyodwa kuphela yokuletha labo abasebenzisana no-Al-Megrahi ukuthi bazobhekana nomthetho,” kusho ihhovisi esitatimendeni.
Luhlanganiswe nguKamogelo Olaitan
Isithombe ngenhla: U-Abu Agila Masud
Umthombo wesithombe:@Fox News