Lubhalwe nguSihle Mavuso
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal oholwa nguNgqongqoshe uMbali Fraser usushaye ingwijikhwebu wahoxise isimemezelo esiveza inhloso yawo yokunciphisa isibalo sabafundi abahlwempu abathola ukudla kwamahhala ngaphansi kohlelo luka-R2.1 billion lokudla ezikoleni.
Lesi simemezelo sihoxiswe ngemuva kosuku kukhishwe isaziso ngaso, okudale ukungezwani emaqenjini ezepolitiki afana ne-ActionSA.
Sisayinwe nguMnuz Nkosinathi Ngcobo, oyinhloko yomnyango, othe kuyona bahlose ukunciphisa isibalo sabafundi abathola ukudla kwamahhala ngo-5% ngenxa yezinkinga zemali.
NgoLwesibili ntambama, okhulumela umnyango ubhale isimemezelo esichitha ebesesikhishiwe, kodwa wangachaza ukuthi yini eholele ekushintsheni kwenhliziyo kungazelelwe kulo mnyango.
“Ngicela ukwazisa bonke abathintekayo okuqukethwe yilesi saziso esisha,” kusho uNgcobo esimemezelwenii esisha echitha esikhishwe ngaphambilini.
Kulesi simemezelo esiputshuzelwe ku-Scroll.Africa emizuzwini embalwa sikhishiwe, uNgcobo uvumile ukuthi uhlelo lweKZN National School Nutrition Programme lunezinkinga zesabelo-mali nokuthi isabelo salo sesibonelelo sika-2024/25 asanele ukuhlinzekela bonke abafundi.
“Ukuze kuhlomule bonke abafundi abathintekayo kwisabelo-mali esincane, umnyango kudingeke ukuba unciphise isibalo sabafundi abazoxhaswa ngo-5%,” kusho lesi simemezelo
Lesi sinyathelo futhi bekuhloswe ngaso ukunciphisa ukusetshenziswa kwemali ngokweqile kwesibonelelo sikahulumeni esabiwe.
“Lolu hlelo luxhasa abafundi abangu-95% ababhaliselwe ezikoleni, noma u-95% wabafundi abagunyaziwe,” kubhala uNgcobo.
Lolu hlelo luke lwabhekana nezinkinga phambilini. Ngesikhathi luqalwa ngonyaka odlule, uhlelo lokuthengwa kokudla luholele ekutheni izikole zihlale izinyanga zingakutholi ukudla.
Ezinye izikole kudingeke ukuthi zimise okwesikhashana ukufunda ngoba bezingakwazi ukufundisa abafundi abalambile.
Esithombeni ngenhla: Isidlo sasemini sasesikoleni.
Umthombo wesithombe: Istoko
