Igoli elimangalisayo lizokwenza ukuthi umgadli wase-Ghana athole umklomelo omkhulu

Dylan Bettencourt

Igoli elimangalisayo likaJames Bissue lingenza ukuthi lomdlali wase-Ghana awine i-Puskas Award ye-FIFA yegoli lonyaka njengoba imithombo yezokuxhumana ibongela leli goli ngokumangazayo.

Kubonakale kuwusuku olujwayelekile kwi-Ghana Premier League lapho iElmina Sharks idlala neLegon Cities FC kodwa kwathi lapho uBissue ebona unozinti eshiya ulayini wakhe wase eqala ukudubula engasohlangothini likanozinti wabo washaya inethi, abezinkundla zokuxhumana bafuna ukuthi leli goli lizuze indondo yesizini nomklomelo weminyaka yonke we-FIFA.

I-ESPN FC ifake ividiyo yaleli goli ku-twitter yathi: “Angahle abe ngumpetha we-Puskas kwi-Ghana Premier League.”

Isiqeshana sevidiyo sinokubukwa okungaphezu kwezinkulungwane eziyizi-250 futhi siyaqhubeka nokubukwa ezinkundleni zokuxhumana. Lo mdlali oneminyaka engama-30 uzoba ngowokuqala wase-Afrika ukuwina umklomelo we-Puskas uma ezophumelela lapho umcimbi wokuklonyeliswa wenziwa ngasekupheleni kwalonyaka noma ekuqaleni kowezi-2022.

Owaqokwa kwi-Puskas wakamuva e-Afrika kwakungunozinti waseNingizimu Afrika u-Oscarine Masuluke owashaya ibhola ngomzuzu wokugcina nge-bicycle kick eshayela iBaroka FC ibhekene ne-Orlando Pirates ngowezi-2016.

Ngaphandle kosuku oluqinisekisiwe lokuthi imiklomelo ye-FIFA i-‘The Best’ izokwenzeka nini, uBissue nakanjani uzoba yintandokazi yokuqokelwa umklomelo we-Puskas.

Umthombo wesithombe: @MountRoyalSoccer

Izihloko zakamuva