Idolobha lase-Wuhan lithi lizohlola inani labantu ababalelwa kwizigidi ezi-11 ngemuva kokuqubuka kokhuvethe

Arthur Greene

Izikhulu zase-Wuhan zithi zizohlola inani labantu abayizigidi ezi-11 ngemuva kokuqubuka kokhuvethe .

Okokuqala ngqa esikhathini esingaphezu konyaka ukuthi kuvele ukutheleleka kwasendaweni edolobheni lase-China okuyilapho ubhubhane lokhuvuthe lwaqala khona. 

Iziphathimandla zizokwenza i-nucleic acid ukuze kuhlolwe abahlali, kusho uLi tao oyisikhulu etshela izithameli zabezindaba kwi nkomfa ngemuva kokutholaka kwesibalo sabasebenzi bakwamanye amazwe.

Lezindaba ezimangazayo zenze abahlali bagcwale ezitolo ukuyothenga ukudla ngoba besaba ukuthi kuzophinde kube nomvalelo. 

Amashalofu asale engenalutho ngenxa yabathengi abathenge yonke impahla besaba umvalelo.

I-China isesibalweni esiphakathi nendawo samazwe okudlange khona kakhulu ukhuvethe kulezi zinyanga njengoba i-China isabhekene nokuqala kwe-Delta. Sekuvele ukuthi isibalo esisha sabantu abaphethwe ukhuvethe sesibalelwa kwamakhulu amathathu kwizinsuku ezilishumi ezedlule.

Ukwehlisa ukutheleleka i-Wuhan isinemithetho emisha yomvalelo. 

Idolobha lase-Beijing limise ezokuthutha kwaphinde kwacelwa abahlali ukuba bahlale ezindlini.

Endaweni yase-Zhangjiajie kwidolobha lase-China elingaphakathi libeke umgomo ngoLwesibili wokuthi akukho muntu ovumeleke ukuya ngaphandle, abavakashile kumele bagoduke kusenesikhathi.

Indawo yase-Zhangjiajie isivele yaba indawo okungeke kutheleleke noyedwa ngokhuvethe kusho uZhong Nanshan onguchwephesha kulesifo sokhuvethe.

Izihloko zakamuva