Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Le nzondo osekunesikhathi ikhona iphehlwa abesifazane ezinkundleni zokuxhumana okwala noma okaMyeni angabonakala enza izinto ezinhle emphakathini kodwa bamugxibha noma kunjalo.
Lokhu kuwukuziphinda komlando esesike sawubona ebukhosini bamaNgisi phakathi kwabalandeli bakaNdlunkulu uCammila noPrincess Diana okuze kubemanje labo ababethanda uPrincess Diana abamfuni nokumbona uNdlunkulu uCamilla.
Bathi wafika nezingane zakwaBowles ayeshade naye phambilini futhi akasobe afika kuPrincess Diana ngobuhle nangokuthanda abantu.
Yilokhuke okubhekene noNdlunkulu ukaMyeni naye ozithola ezondwa ngisho eziba kanye nemisebenzi yokuthuthukisa isizwe.
Laba abaphusha le mikhankaso babona kungamfanele ukubaseNdlunkulu ngoba bekholelwa ekutheni abantu abanogazi nesizotha sobukhosi oNdlunkulu uNtokozo kaMayisela wasesigodlweni kwaNkomonye kube uNdlunkulu uNozizwe kaMulelo waseSwatini kanye noNdlunkulu uSihle kaMdluli okaMawewe waseMashobeni.
Baze bathi uma bebabona ezinkundleni zokuxhumana babateketise kuthiwa nabake omkaNkosi, amaqanda eSilo.
Muva nje ngesikhathi kunedili lomkhosi wokugubha usuku lokuzalwa kweNgonyama uMswati III, kwabonakala laboNdlunkulu abathathu.
Kubesekusuka isidumo ezinkundleni zokuxhumana, abesifazane behalalisa .
Abagcinanga lapho kodwa bathe besuka badelela okaMyeni obengabonakali ezithombeni.
Babodwa abebethi akabalulekile futhi akamenywanga, besho nokuthi okwakhe ukuhabela imicimbi yamaphinifa.
Le nzondo esaqhubeka nasebukhosini bamaNgisi ebhekiswe kuNdlunkulu uCamilla, ingene shi nakuye okaMyeni njengoba ebuye abizwe ngamagama angehli kahle bethi wafika nezingane eNdlunkulu.
Kodwa kuze kubemanje akekho ophumela obala eNdlunkulu akhuze lo mkhuba omubi kangaka wokudicilela phansi isithunzi sikaNdlunkulu okaMyeni.
