I-Zambia ivota okhethweni oluqinile lukaMengameli

Everson Luhanga

UMengameli wase-Zambia u-Edgar Lungu uvote enhlokodolobha i-Lusaka, wanxusa nabantu ukuthi benze okufanayo.

Lolu khetho luchazwa njengomncintiswano oqinile futhi luzonqunywa ngabavoti abasebancane.

ULungu, ofuna ihlandla lesibili esikhundleni, uzobe elwa nomphikisi wakhe uHakainde Hichilema.

Kukhona nabanye abayi-16 abangenele ukhetho abalwela isikhundla sobuMengameli, kanti amaqembu amaningi amancane akha umfelandawonye ngethemba lokukhipha lo hulumeni okhona njengamanje.

“Ngicela nibavumele bavote bese bebuyela emakhaya, bahlale balinde imiphumela ngesineke nangokuthula,” kusho uLungu ngemuva nje kokuvota.

“Ngivotile. Ngiya ekhaya ngiyolalela umsakazo, ngifunde amaphephandaba, ngibukele umabonakude bese ngilinda ukuthi imiphumela imenyezelwe, njengabo bonke abantu”.

Abantu akufanele balinde ezikhungweni zokuvota, esho.

“Lokhu kuzodala ukudideka nokuminyana. Into enhle ongayenza ukusheshe uvote bese uya ekhaya”.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ese-Zambia, uKatemela Ng’uni osemncane oqalayo ukuvota uthe uye esiteshini sokuvota ngabo-5 ekuseni eyovota.

“Ngiyethemba kuzokhethwa uhulumeni ozobeka phambili abantu abasha ukuthi babambe iqhaza emnothweni wezwe,” kusho uKatemela.

UMengameli uLungu waqala ukubusa ngowezi-2015, ngemuva kokuwina ukhetho olwaba nempikiswano ukuqeda isikhathi sikaMengameli uMichael Sata, owashona esesikhundleni.

ULungu wakhethwa ukuba asebenze iminyaka emihlanu ngokugcwele ngowezi-2016, yize imbangi yakhe enkulu uHachainde Hichilema ithi kwakukhona ukukhwabanisa.

UHichilema, osekwa amaqembu amancane emfelandawonye, ​​ungenela ukhetho lobuMengameli ihlandla lesithupha.

Izihloko zakamuva