I-Ukraine isicele umphathi we-Chelsea u-Abramovich ukuthi angenelele ekuletheni ukuthula kulamazwe womabili

Dylan Bettencourt

URoman Abramovich, ongumnikazi weqembu lebhola lezinyawo i-Chelsea, ucelwe izikhulu zase-Ukraine ukuthi asize ekutholeni isixazululo esinokuthula ne-Russia, kusho okhulumela uRoman.

“Ngingaqinisekisa ukuthi uRoman Abramovich uthintwe uhlangothi lwase-Ukraine ukuze athole ukwesekwa ekufezeni isinqumo esinokuthula nokuthi ubelokhu ezama ukusiza kusukela ngaleso sikhathi,” kusho okhulumela uRoman etshela abezindaba ze-PA.

Usozimali wase-Russia ubelokhu ebhekiwe kusukela i-Russia ihlasela i-Ukraine ngoLwesine olwedlule njengoba u-Abramovich kuthiwa unobudlelwano obuseduze noVladimir Putin.

Kuphakanyiswe imibuzo ngekusasa lomnikazi we-Chelsea oneminyaka engu-55 ubudala kanye nezijeziso angase abhekane nazo.

U-Abramovich ungomunye wabantu abacebe kakhulu e-Russia futhi wathenga i-Chelsea ngonyaka ka-2003. NgoMgqibelo ukhiphe isitatimende esibonisa ukuthi unikeza izintambo nokunakekelwa kweqembu kwizithenjwa zeqembu.

Izithenjwa nokho bezingakavumi ukuthi zilawule i-Chelsea ngokugcwele ngenxa yokungaqiniseki ngokuthi imithetho ye-Charity Commission izobavumela yini ukuthi baphathe iqembu.

Imibiko iphakamisa ukuthi isinqumo esithathwe u-Abramovich bekuwukuvikela kuphela iqembu ekubhekaneni nanoma iziphi izimo. Uhulumeni wase-UK waqala ukumisa impahla yase-UK yama-oligarchs ase-Russia ngemuva kokuthi uPutin ethumele amasosha e-Ukraine.

Umqondisi wamafilimu e-Ukraine kanye nomdidiyeli u-Alexander Rodnyansky ukuqinisekisile ukuthi u-Abramovich ubezama ukuthola isisombululo kodwa ubengenaso isiqiniseko somphumela angaba nawo.

“Uhlangothi lwase-Ukraine belulokhu luzama ukuthola umuntu e-Russia ozimisele ukubasiza ekutholeni isixazululo esizoletha ukuthula,” kusho uRodnyansky.

“Nakuba u-Abramovich engenalo izwi elikhulu kangako, kodwa uyena kuphela owaphendula futhi wathatha isinqumo sokuzama.”

IPhalamende lase-Britain linxuse uNdunankulu uBoris Johnson ukuthi ehle ohlwini lwama-oligarchs angu-35 ase-Russia axhumene noPutin – uhlu oluhlanganisa no-Abramovich. Abaningi balaba bantu kucatshangwa ukuthi babambe imali kaPutin egameni likaMengameli wase-Russia. Ukumisa impahla yabo kwenza abaningi bacabange ukuthi kungaba isixazululo sokwehlisa amandla kaPutin.

Umthombo wesithombe: @TheMirror

Izihloko zakamuva