I-NEC izohlangana ukudingida udaba luka-Ace: Kuyohlukana inhloko nesixhanti

Lungani Zungu

U-Ace Magashule yindoda ephelelwe yithemba engenza noma yini ukubambelela esikhundleni sakhe sokuba nguNobhala-Jikelele ngokugcwele, noma ngabe kusho ukudicilela phansi iqembu elibusayo elineminyaka eyi-109.

UMagashule umisiwe kuleli sonto ngokuhambisana nenqubomgomo yeqembu yokubeka eceleni amalungu abhekene namacala.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uzohambela umhlangano weKomidi eliPhezulu le-ANC (i-NEC) kule mpelasonto ngokwesikhundla sakhe njengoNobhala-Jikelele.

“Ngisengunobhala-jikelele weqembu elibusayo. Ngisidlulisile isicelo sokumiswa.”

Ubengeke aqhubeke nokuphawula.

Abaholi bakhe, abaholwa yilungu le-NEC ye-ANC, uTony Yengeni, baqinise isibindi kubaphikisi bakhe be-NEC ukuthi bamsuse kule mpelasonto.

“Akekho umuntu ongalokotha asuse uNobhala-Jikelele wethu kule mpelasonto. Bengabona amehlo enyoka,” utshele i-Scrolla.Africa.

Isishoshovu seqembu uSnuki Zikalala uthe i-NEC kumele ingabi nazwelo ngoMagashule kulempelasonto.

“Asikwazi ukuvumela abantu ukuthi bacekele phansi iqembu sonke esisebenze kanzima ukulakha. I-NEC kumele iqine futhi iphoqe uMagashule ukuthi ashenxe.”

Wonke amalungu eqembu abhekene necala lenkohlakalo, ukukhwabanisa noma ukubhekana namacala abucayi anikezwe izinsuku ezingama-30 ngenyanga edlule, lezi zinsuku ziphele ngoLwesihlanu olwedlule, ukuthi ashiye eceleni.

UMagashule wayengomunye wabo.

Ezigamekweni ezixakile, uMagashule uphendule ngokumisa uCyril Ramaphosa, esikhundleni sakhe njengomengameli we-ANC, kulandela ukumiswa kwakhe.

NgoLwesine, uRamaphosa utshele iPhalamende ukuthi ukumiswa kwakhe akusebenzi.

Inqubomgomo ye-ANC yokushiya eceleni inikezwe isitembu semvume yi-NEC, uMagashule abeyingxenye yayo ngenxa yokuba nguNobhala-Jikelele.

Izindlela zokulwa zenziwe phakathi kwamaqembu alwayo ngaphambi komhlangano we-NEC kuleli sonto.

Ubumbano oluntekenteke lwawa ngesikhathi iqembu lihlukaniswa ngabasekeli abasekela uMagashule nabaxhasi bakaRamaphosa.

UMagashule kuthiwa unxenxa amagatsha ukuthi enqabe le nqubomgomo.

Ubhekene namacala avela kwithenda yemali eyizigidi ezingama-R255 eyakhishwa ngesikhathi esenguNdunankulu wase-Free State.  

Izihloko zakamuva