Menzi Magubane & Timmy T Maranda
I-Tottenham Hotspur ingadalela i-Liverpool usizi oluningi ngemuva kokuqala kabi kowe-English Premier League kulonyaka.
La maqembu womabili azolwa ngoLwesine ebusuku e-Tottenham Hotspur Stadium ngehora leshumi ebusuku.
I-Liverpool igxumele phansi isuka endaweni yokuqala iye kweyesihlanu esikhathini esingamaviki amabili. Ukunqoba kwe-Spurs ngoLwesine kungabona ompetha ababusayo behla ngisho nakakhulu. Okwamanje i-Spurs isendaweni yesithupha, iphuzu elilodwa ngemuva kwe-Liverpool, kanti abadlali bakaJose Mourinho benomdlalo esandleni.
I-Spurs iya kulo mdlalo isinqobe imidlalo yayo emibili edlule. Bagcine ukudlala umdlalo weligi emavikini amabili edlule ngesikhathi beshaya i-Sheffield United esezansi etafuleni ngamagoli amane kwelilodwa. NgoMsombuluko ishsye i-Wycombe Wanderers ngamagoli amane kwelilodwa kowe-Emirates FA Cup.
Ama-Reds nokho ayazijabulisa njengamanje. Bahlulwe ngegoli elilodwa eqandeni bedlala ne-Burnley ezinsukwini eziyisithupha ezedlule. Lokhu ukunqotshwa kwabo kokuqala ekhaya kusukela ngowezi-2017.
Ezinsukwini ezine ezedlule ama-Reds alahlekelwa umdlalo wawo wesibili kulandelana, eshaywa ngamagoli amathathu kwamabili yi-Manchester United kowe-Emirates FA Cup.
Njengoba ukaputeni uHarry Kane eshaya amagoli emdlalweni wokugcina weligi ku-Spurs, uMourinho uzobeka ithemba lakhe kuye. UKane usetshenziselwe imizuzu engama-32 kuphela kwi-FA Cup ngakho-ke uphumule kahle.
Khonamanjalo, i-Arsenal inqobee umdlalo wayo wesibili weligi ilandelana ngoLwesibili ebusuku ishaya i-Southampton ngamagoli amathathu kwelilodwa e-St Mary’s Stadium. I-Gunners iziphindisele ngemuva kokukhishwa kwi-FA Cup yi-Southampton enkundleni efanayo ezinsukwini ezine ezedlule.
Basuke endaweni ye-11 baya kwesishiyagalombili kodwa bangahle baye kweye-10 njengoba i-Aston Villa, i-Everton ne-Chelsea zisenomdlalo esandleni.
Ukushaywa kwe-Manchester City ngamagoli amahlanu eqandeni yi-West Bromwich Albion kuthumele i-City esicongweni setafula le-English Premier League.
I-City ebidlange kakhulu iqophe ukunqoba okuyi-11 kulandelana kuyo yonke imiqhudelwano ngemidlalo eyi-18 ingakahlulwa.
I-City ihamba phambili etafuleni le-English Premier League ngamaphuzu angama-41, ngaphambi kwe-Manchester United, iqembu abazobhekana nalo ngoLwesibili ebusuku enkundleni yezemidlalo i-The Hawthorns.
I-Manchester United inethemba lokuthi izobuyela endaweni ephezulu ye-log lapho izokwamukela i-Sheffield United edonsa kanzima e-Old Trafford kwi-Premier League ngoLwesine ebusuku. Umdlalo uzoqala ngo-10: 15pm.
Eminye imiphumela ye-Premier League:
I-Newcastle United ishaywe ngamagoli amabili kwelilodwa idlala ne-Leeds United
I-Southampton ishaywe ngamagoli amathathu kwelilodwa idlala ne-Arsenal
I-Crystal Palace ishaywe ngamagoli amathathu kwamabili idlala ne-West Ham United