
Dylan Bettencourt
Izikhulu eziphezulu zase-China zicele ukuthi i-Russia ime kancane ukuhlasela kwayo i-Ukraine kuze kuphothulwe imidlalo yama-olimpiki asebusika.
I-New York Times ibike ukuthi izikhulu zikaMengameli waseMelika uJoe Biden zithole umbiko wezobunhloli wasentshonalanga ovela e-China okhombisa ukuthi i-Russia ihlela ukuhlasela i-Ukraine.
Kodwa umthombo osondelene nalolu daba utshele abe-Reuters ukuthi i-China icele i-Russia ukuthi ibambezele ukuhlasela kwayo kodwa ayizange inikeze ulwazi olwanele emhlabeni wonke.
Ihhovisi lenxusa lase-China liyiphikile imibiko.
“Izimangalo ezishiwo emibikweni ziyimibono engenasisekelo futhi kuhloswe ngazo ukugxeka i-Clame-shift kanye nokungcolisa igama lase-China,” kusho okhulumela i-China e-Washington ophinde abe inxusa, uLiu Pengyu.
Abaholi abavela emazweni asentshonalanga baxwayisiwe mayelana nokuhlasela ngaphambi kokuba uMengameli uVladimir Putin aqinisekise umsebenzi ngomhlaka-24 kuNhlolanja, ezinsukwini ngemuva kokuphela kwama-olimpiki asebusika ngonyaka ka-2008.
Uphiko lwezobunhloli oluqoqwe phakathi kwe-Russia ne-China uphiko lwezobunhloli lwaseNtshonalanga luthathwe njengoluthembekile ngemuva kokuba izikhulu zibuyekeze imininingwane, kubika i-New York Times.
Izikhulu eziphezulu ezivela eMelika zixoxisane ngezobunhloli kodwa zahlala zingaqinisekile ngokuthi uPutin uzohlasela yini. Iqembu liphinde laphakamisa ukukhathazeka ngokuthi ulwazi ludluliselwe kanjani kubo.
Isikhulu sitshele i-New York Times ukuthi ulwazi alukhombanga ngqo ezingxoxweni mayelana nokuhlasela kukaMengameli wase-Russia nabase-China.
Njengoba i-China ingezwa lutho futhi yeseka i-Russia, sekuphakamise ukukhathazeka mayelana nokuthi i-China ibambe iqhaza elikhulu yini kulokhu kuhlasela.
I-Paralympic Winter Olympics izoqhubekela phambili e-Beijing lapho i-Russia ne-Belarus ivinjiwe ukuncintisana njengoba amazwe amaningana esabisa ngokuduba umcimbi.
I-International Olympics Committee iphakamise ukuthi bonke abasubathi abavela kulawo mazwe bavinjelwe emiqhudelwaneni yama-olimpiki.
Umthombo wesithombe: @APNews