Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
I-ANC eTshwane isimemezele ukuthi izomeseka uDkt Nasipha Moya we-ActionSA esikhundleni sokuba yimeya emhlanganweni ophuthumayo womkhandlu namhlanje ngoLwesithathu.
UMoya, obeyisekela lemeya ngaphansi kukaCilliers Brink, ubeyibamba emasontweni amabili edlule.
Okhulumela i-ANC uMahlengi Bhengu-Motsiri uthe bayameseka uMoya ngenxa yamava akhe neziqu zakhe.
“Sicela abantu baseTshwane ukuthi bameseke kanye nobuholi obusha, obuzosebenzela ukuthuthukisa ukuphathwa kwedolobha, izinsiza kanye nokukhula,” kusho uBhengu-Motsiri.
“Uma umeya nethimba lakhe elisha sebesebenza, sizosheshisa ukulethwa kwezidingo kubantu futhi siguqule sishintshe isimo sedolobha.”
UMoya uzobhekana nowayeyiMeya yeDA uCilliers Brink okhethweni.
Isikhundla sobumeya sitholakale ngemuva kokuthi uBrink ehlulwe ngevoti lokungamethembi elaqalwa yi-ANC ngesonto eledlule.
Lokhu kulandela isinqumo se-ActionSA sokushiya umfelandawonye wamaqembu amaningi bese ijoyina i-ANC ekukhipheni uBrink esikhundleni.
Kusukela ihlulwe yi-DA ukulawula iTshwane ngo-2016, i-ANC izamile kodwa yehluleka ukubuyisa amandla ngamavoti amaningi okungabethembi ubuholi. Idolobha selibone izimeya eziyisithupha ngalesi sikhathi.
Esithombeni esingenhla: UDkt Nasipha Moya.
Umthombo: Sithunyelwe
