Ezenzeka emhlabeni jikelele: Kudingeka ama-visa amangaki ukuze uvakashele e-Afrika?

URorisang Modiba ukulethela izindaba zansuku zonke ezivela emhlabeni wonke.

E-Rwanda – Yize ecebe kakhulu e-Afrika, u-Aliko Dangote ongowokuzalwa e-Nigeria ubhekene nezinkinga ezinkulu zokuhamba ezwenikazi lonke. Ekhuluma kwi-Africa CEO Forum e-Kigali, ukhulume ngokukhungatheka kwakhe ngokudinga ama-visa angu-35 ahlukene ohambweni lwakhe. Ukuphawula kwakhe kugqamise inkinga enkulu yokuhamba e-Afrika, ikakhulukazi njengoba ama-passports ase-Europe enikeza ukufinyelela kwamahhala kwe-visa e-Afrika. UDangote uveze ukuthi uPatrick Pouyanné, oyi-CEO ye-Total Energies, angakwazi ukuhamba ngokukhululeka e-Afrika nge-passport yase-France. Nakuba i-Rwanda, i-Benin, i-Gambia, ne-Seychelles iwachithile ama-visa abantu base-Afrika, amazwe amaningi ase-Afrika asadinga ama-visa kwabanye abantu base-Afrika.

E-Egypt – Uphiko lwezobunhloli lwase-Egypt lwashintsha ngasese imibandela yesiphakamiso sokumiswa kwezikhali e-Israyeli okwakuvunyelwene ngaso, kwaqedwa isivumelwano esasingase sikhulule abantu base-Israel abathunjiwe neziboshwa zase-Palestine futhi kuphele okwesikhashana ukulwa e-Gaza. Ngomhla-6 kuNhlaba i-Hamas yamemezela isivumelwano sokumisa ukusetshenziswa kwezikhali, kodwa kwakungesona leso ama-Qatari noma abaseMelika ababecabanga ukuthi sithunyelwe ukuze kubuyekezwe udaba lwase-Hamas, kusho imithombo.

E-New York – UDonald Trump ube nesibindi ngokuba ne-rally e-New York City e-South Bronx, okungenye yezindawo ezimpofu kakhulu, ezihlukahlukene (diverse) kakhulu, ne-Democratic Party ezweni. Endaweni lapho u-95% wabantu bengabantu abamnyama, noma aba-hispanic futhi angu-35% ahlala ngaphansi komugqa wobumpofu, uTrump umemezele umhlangano wakhe ngentokozo endaweni engase ibe nentukuthelo. Lo mhlangano wenzeke eduze kwesifunda sase-Alexandria Ocasio-Cortez, okuyisifunda esigxeka uTrump. Ngaphandle kwendawo, uTrump usho ngokuzethemba ukuthi ubuyela edolobheni akhulela kulo.

E-Kenya – Umqwali wezintaba wase-Kenya uJoshua Cheruiyot Kirui ushone ngoLwesithathu ezama ukuqwala i-Mount Everest ngaphandle kokwengeza i-supplemental oxygene. Isidumbu sakhe sitholwe endaweni engamamitha angu-20 ukusuka phezulu, ngokusho koMnyango wezokuVakasha e-Nepal. UKirui, oneminyaka engu-40 ubudala wase-Nairobi, kanye nomqondisi wakhe wase-Nepali uNawang Sherpa oneminyaka engu-44 ubudala uduke ngasekuqaleni kwalolo suku ngemva kokulahlekelwa ukuxhumana naye emsakazweni. Ngenkathi isidumbu sikaKirui sitholwa endaweni ephakeme engamamitha angu-28,970, abatakuli basathungatha uSherpa. I-KCB Bank, okusebenza khona uKirui, limncome njengomsubathi obenomndlandla nomqwali wezintaba ophokophele phambili baphinde bathi ungowesibili e-Kenya ukuqwala i-Everest.

Isithombe esingenhla: U-Aliko Dangote.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva