Lubhalwe ngumbhali weScrolla
Amalungu amathathu ebhodi le-SA Tourism ashiye phansi izintambo ngoLwesihlanu ngenxa yesiphakamiso sokuxhasa iqembu lebhola likanobhutshuzwayo elikwi-English Premier League, i-Tottenham Hotspur ngo-R1 billion.
I-ENCA ibike ukuthi amalungu amathathu ebhodi u-Enver Duminy, uRavi Nadasen kanye noRosemary Anderson basule ngokushesha kanti ukwesula kwabo kwamukelwe uNgqongqoshe wezokuVakasha uLindiwe Sisulu.
Laba bobathathu bahamba njengoba i-SA Tourism isibhekwe kanzima mayelana nesivumelwano sayo esihleliwe.
Iphephandaba i-Daily Maverick liqale lashicilela izindaba mayelana nesivumelwano se-Spurs ngaphambi kokuthi sigunyazwe ngokwemibandela kuleli sonto.
Abantu bakuleli namaqembu ezepolitiki abazange bakuthathele phezulu lokhu, njengoba elakuleli lisenkingeni yokucishwa kukagesi, ukuntuleka kwemisebenzi kanye nobugebengu.
Kubangele ingxoxo kazwelonke njengoba osopolitiki nezakhamuzi bengenelela kulolu saba.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe lolu hlelo alunabulungiswa.
Iphendula ngesivumelwano esingajaqinisekiswa i-Democratic Alliance (DA) ithe lokhu kuyinhlamba kuwo wonke umuntu wakuleli.
Umhlangano ophuthumayo wePhalamende wokudingida lolu daba usuqinisekisiwe ukuthi uzoba ngoLwesibili mhla ziyisikhombisa kuNhlolanja ngemuva kokuthi i-DA ifake ingcindezi.