Ekugcineni! UMessi uthathe umhlalaphansi njengoba i-Argentina ithathe indebe ye-Copa

Menzi Magubane

Bekuyisikhathi senjabulo kuLionel Messi onqobe indebe yakhe yokuqala ne-Argentina njengoba ehole izwe lakhe kwi-Copa America yabo yokuqala eminyakeni engama-28 ngeSonto.

Abagcinanga nje ngokuwina indebe, banqobe izimbangi zabo ezinkulu i-Brazil emagcekeni abo.

Igoli lika-Angel Di Maria ngomzuzu wama-22 lonakalise izinto zeqembu lase-Brazil elinikele ngesicoco abasithola ekhaya ngowezi-2019.

UMessi ubedlala ngokukhulu ukuzimisela kulo mqhudelwano futhi bekufanele ahambe nomklomelo we-Best Player of the Tournament. Le ngwazi ye-Barcelona nayo iwine umklomelo we-Golden Boot ngemuva kokuvalela enethini amagoli amane emidlalweni eyisikhombisa.

Ubuye wahlinzeka ngosizo lwamagoli amahlanu, okunyuse isibalo sakhe samagoli saba ngayisishiyagalolunye kwayi-13 i-Argentina ewathole kulo mqhudelwano.

Ngemuva kokuwina uMessi ubhale ku-Twitter wathi: “Angizelanga la ukuzoklonyeliswa ngedwa. Ngize lapha ukuzofeza iphupho lawo wonke umuntu.”

Umemezele ukuthatha kwakhe umhlalaphansi emkhakheni webhola.

Le indebe yokuqala enkulu kaMessi ne-Argentina. Ngowezi-2014 wacishe waphakamisa indebe kwi-FIFA World Cup kodwa bahlulwa i-Germany eyabashaya ngo 1-0 kowamanqamu e-Brazil.

Ukunqoba kwe-Argentina kushiye umngani kaMessi wesikhathi eside nowake wadlala naye uNeymar. NjengoMessi, uNeymar naye ubefuna indebe yakhe yokuqala neqembu eliphakeme lase-Brazil. UNeymar, obekhala izinyembezi, uye kuMessi wamgona wamhalalisela ngokunqoba.

UNeymar usanqobe indondo yegolide kuphela yama-Olympic ngowezi-2016 eyayibanjelwe ezweni lakubo neqembu lakhe i-Brazil. Kodwa-ke iminyaka isamvuma futhi usengawina indebe noma ezimbili ne-Brazil.

Umthombo wesithombe: @mirrorfootball

Izihloko zakamuva