DataLite

Izinto eziyisithupha wonke umuntu waseNingizimu Afrika okufanele azazi ngaphambi kwemibhikisho yangomhlaka-30 kuNhlangulana

Zingaphezulu kuka-20 izinhlangano ezizomasha ngomhlaka-30 kuNhlangulana, zifuna ukuthi kuthathelwe izinyathelo ukungena kwabantu bokufika ngokungemthetho njengoba amaphoyisa elungiselela udlame olungase lusuke.

Namuhla usuku lokuhola kwabaningi kodwa kwabanye abangu-8.5 million balinde u-R370 kahulumeni

Namuhla usuku lomholo kubantu abaningi baseNingizimu Afrika abasebenzayo, kodwa bangu-8.5 million abantu abadala abangasebenzi abalinde isibonelelo sikahulumeni sika-R370 esingakanyuki ngendlela ephawulekayo eminyakeni eyisithupha.

ONgqongqoshe bacele ushwele eNdlunkulu KaZulu ngemashi exosha abokufika

ONgqongqoshe bakazwelonke nosigaxamabhande bamaPhoyisa sebecele iNdlunkulu kaZulu kuba ishweleze ekutheni kungachitheki igazi ngomhlaka-30 wale nyanga.

Sihlehlisiwe isinqumo sikaCat’ Matlala sokuvuma icala

Imantshi ephethe icala lokukhwabanisa likaVusimuzi 'Cat' Matlala isihlehlisele umhlaka-1 kuNtulikazi ka-2026 isinqumo sokulivuma kwakhe icala nesigwebo sakhe.

UDidiza wathola izeluleko ezimtshela ukuthi akalwe noRamaphosa enkantolo wakhetha ukuzishaya indiva

USomlomo uThoko Didiza uthole iseluleko sezomthetho esimtshela ukuthi aphikisane nesicelo sikaMengameli Ramaphosa sokumisa uphenyo lwasePhala Phala, kodwa wakhetha ukungasilandeli kanti manje i-EFF ibheka izinyathelo zomthetho ngaye.

Amagatsha amabhange angu-203 aseyakwazi ukukwenzela umazisi omusha

Abantu abaningi baseNingizimu Afrika sebengakwazi manje ukufaka izicelo zomazisi emagatsheni amabhange njengoba uhulumeni andisa lolu hlelo ukusiza esikhundleni sezigidi zomazisi abadala abaluhlaza.

UCat Matlala uzovuma icala lokukhwabanisa nenkohlakalo

UVusimuzi 'Cat' Matlala uzovuma icala lokukhwabanisa nenkohlakalo ecaleni lethenda lakwaSAPS lika-R360 million elithinta uKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke osamisiwe uFannie Masemola.

Kugobhoze igazi kuMkhonto kubulawa izishoshovu zayo kwathi unobhala wasinda edutshulwa ngezinhlamvu ezingu-17

Kudusthulwe amalungu oMkhonto weSizwe Party amahlanu kwashona amane ezigamekweni ezahlukene.

Izindaba zaseKZN ezifingqiwe:I-SACP isiphakamise ukuzimela e-KZN ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya

UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva ezenzeka KwaZulu-Natal.

IMarch and March isinikeze uhulumeni izinsuku eziyisithupha ukuthi aphendule noma bazongena emgwaqeni

I-March and March itshele uhulumeni ngoLwesithathu ukuthi kumele aphendule kungakashayi umhlaka-30 kuNhlangulana ngezikhalo abazenze ngabokufika, ngemuva kwezinsuku amaphoyisa eqinisekisile ukuthi lolu hlelo luzodla imali engaphezu kuka-R600 million.

Recent articles