Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Unogada uBethuel Mzamo Cele ufakaze ngokuthi abantu ababehlomile bamemeza bethi “ayife inja” ngesikhathi kuhlaselwa usihlalo wamatekisi uJoe Sibanyoni ngo-2022.
Ijaji livimbele uhulumeni ukuthi akhombise amavidiyo e-CCTV okudubula kuze kube yilapho kungafakazelwa khona ukuthi la mavidiyo awangempela.
Unogada uvele wakhala eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesibili, echaza isikhathi lapho abantu ababehlomile ngezibhamu i-AK-47 bevulela ngenhlamvu endaweni yokudlala igalofu eCenturion, bememeza bethi “ayife inja” ngenkathi behlasela.
UBethuel Mzamo Cele ube wufakazi wokuqala kahulumeni ecaleni likaVusimuzi “Cat” Matlala kanye nabanye abane ababhekene naye necala, okungukuthi unkosikazi wakhe uTsakane Matlala, uMusa Kekana, uTiego Floyd Mabusela kanye noNthabiseng Nzama; bonke babhekene namacala angu-25 ahlanganisiwe ahlobene nokubulawa kwabantu okuhleliwe (contract killings) phakathi kuka-2022 no-2024.
UCele utshele inkantolo ukuthi ngobusuku bomhlaka-10 kuNcwaba ka-2022, wayesemsebenzini endaweni yokudlala igalofu eCenturion ngesikhathi ebona imoto emhlophe i-BMW ihamba ngendlela engajwayelekile ngaphambi kokuba ime eduze kwemoto ebomvu i-Ferrari kanye nemoto emhlophe i-VW Golf 7.
Amadoda amabili ahlomile aphuma emotweni avulela ngenhlamvu ebhekise ku-Golf 7, edubula imoto kaningi.
“Ngabona ukuthi udutshulwe esiswini. Ngangikwazi ukubona amathumbu akhe ephuma ngaphambi kokuba abuyele emotweni i-BMW ngokungena ngefasitela,” kusho uCele enkantolo.
Uthe waphendula ngokudubula ngezinhlamvu zakhe ezingu-15 zesibhamu sakhe somsebenzi, ekholelwa ukuthi washaya oyedwa wabahlaseli.
“Uma ngicabanga ngaleso sigameko, kuzwakala sengathi kwenzeke izolo,” kusho yena. Ukuhlasela okusolwa ukuthi kwakuhloswe ukubulawa komphathi wamatekisi uJoe “Ferrari” Sibanyoni omunye wabantu abathathu, okubalwa kubo nomlingisi uTebogo Thobejane kanye nomkhiqizi womculo uDJ Vettys, okuthiwa uMatlala wayala ukuba badutshulwe phakathi kukaNcwaba ka-2022 noMasingana ka-2024.
IJaji uCassim Moosa likhiphe isinqumo sokuthi uhulumeni ngeke akwazi okwamanje ukukhombisa okuqoshiwe amakhamera (CCTV) okuthiwa kuveza lesi sigameko sokudubula, ngemuva kokuba abanmeli bakaMatlala bephikisile bethi lokho okuqoshiwe akukaqinisekiswa ngokusemthethweni ukuthi kuyiqiniso.
“Ngeke ngivume ukuthi kuvezwe le vidiyo ngaphandle kokuqinisekiswa kwayo,” kusho uMoosa, etshela uhulumeni ukuthi angabiza ufakazi ozokuqinisekisa lokho okuqoshiwe noma aqhubeke nokunye ubufakazi kuqala.
Lokhu okuqoshiwe kubhekwa njengengxenye ebaluleke kakhulu yecala likahulumeni, njengoba kuhloswe ngakho ukukhombisa ukuthi abantu okusolwa ukuthi baqashwa uMatlala ukuba benze ubugebengu babekhona endaweni yesigameko.
Icala, elilindeleke ukuthi lithathe izinsuku ezingu-30, liyaqhubeka ngokubuza imibuzo eyengeziwe kuCele (cross-examination).
Esithombeni esingenhla: UVusumuzi Cat Matlala nomkakhe enkantolo ngoLwesibili.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
