Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ayaphela amahlathi KwaZulu-Natal kubafundisi bakwamanye amazwe abakuleli ngokungemthetho njengoba sebetshelwe ukuthi abasheshe bahambe kusekuhle babuyele emakubo.
Lokhu kulandela inkulumo kaBhishobhi Vusi Dube waseThekwini Community Church ayenze kuleli sonto ebuya eZanzibar, wathi sebelingcolise kakhulu ivangeli ngemikhub abayigilayo kubazalwane ekubeni futhi bekuleli bengenawo namaphepha.
“Balihlazile ivangeli ngoba badlisa abantu izinyoka, utshani, babaphuzise nophethiloli, badayisa izidakamizwa, bashushumbise amantombazane bawayise kwamanye amazwe kuyogangwa ngawo. Ngakho njengebandla likaKrestu sithi sekwanele .Abahambe ngoba nokuvula isonto kwelinye izwe akulona ikhono elinzulu nelitshala umnotho ezweni. Thinake sithi abahambe kusemanje kusenomoya wokuthula,” kusho uDube.
Ukusho lokhu nje iNingizimu Afrika isikeyabhekana nenkinga yabafundisi abasuka kwamanye amazwe asebeboshelwe amacala ashaqisayo okubalwa ukushushumbisa izimali, ukudlwengula namanye asabisayo.
Abanye babo kubalwa uMphrofethi waseMalawi uSherperd Bushiri owabaleka kuleli ngemumva kokutholwa enamacala okukhwabanisa .
Kuphinde kube uMvangeli Tim Omotoso wase-Nigeria obhadle ejele iminyaka engu-8 ngemumva kokuboshelwa amacala okudlwengula namanye kodwa wabuya waphunyuka kuwo.
