Basenkingeni abameli abasebenzisa izinkontileka zamasipala ukwenza amacala abanye abantu

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Umasipala uMsunduzi (eMgungundlovu) onenkinga yezimali KwaZulu-Natal Midlands uxwayisa izinkampani zabameli  eziwusebenzelayo kodwa zichezuke emsebenzini wazo zithathe namacala aqondene nezinye izinkampani.

Lesi sinyathelo sikamasipala siqukethwe ku-memo yangaphakathi eyasayinwa yimenenja kamasipala, uMnuz Sabelo Hlela, mhlaka-12 kuNdasa.

Kule-memo, uHlela uthe ezinye zezinkampani zabameli ezikhokhelwa ngumasipala zephula izibopho zezinkontileka zazo futhi imali ekhokhelwa zona ayizifanele.

Ngokwale-memo, amafemu abameli ahlelwe ngokwemisebenzi yawo ekhethekile – amanye abhekana nezindaba zabasebenzi, amanye ngokuhambisa impahla kanti amanye asebenza ngomthetho womphakathi.

Kodwa, ngenxa yokuntengantenga kokulawula kukamasipala esikhathini esidlule, ezinye izinkampani zabameli zigcine sezifaka amacala egameni ledolobha.

UHlela ufuna kulungiswe le nkinga kodwa akashongo ukuthi umasipala uzozama yini ukubuyisa imali ekhokhelwe lezi zinkampani.

“Niyalulekwa ukuthi nidalule wonke amacala enawamukela ngaphandle komsebenzi enigunyazwe ukuba niwenze bese nibuyisela wonke amafayela aleyo misebenzi,” uHlela ebhalela lezi zinkampani.

“Ngaphezu kwalokho, sicela nikhiphe nerejista ebhala yonke imininingwane yenqubekelaphambili yecala ngalinye enalisingatha egameni likamasipala ukuze sigcine amarekhodi,” kubhala uHlela.

I-memo iphinde yamemezela ukuthi umasipala uzimisile zonke izinkontileka nezinkampani zabammeli kuze kube uyazi ukuthi zichezuke kangakanani kanye nezindleko ezihambisana nazo.

Okhulumela umasipala, uNksz Ntobeko Mkhize, akaphendulanga ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe umasipala uzozivimbela unomphela yini izinkampani zabameli.

Osesithombeni ngenhla: Imenenja kamasipala uSabelo Hlela.

Umthombo: msunduzi.gov.za

Izihloko zakamuva