Basale dengwane kuhoxiswa izindiza

Kamogelo Olaitan

Izinkulungwane zabagibeli zisale dengwane ngemuva kokuthi i-South African Civil Aviation Authority (SACAA) ihoxise izindiza zakwa-Comair ngenxa yezokuphepha.

NgeSonto ekuseni, isikhumulo sezindiza i-OR Tambo International eGoli besigcwele abagibeli abakade bekhathazekile ababonakale beshaye ulayini etafuleni le-South African Airways bezama izikhala kwezinye izindiza.

Ukumiswa kwezindiza kulandela uphenyo olwenziwa i-SACAA mayelana nokuqubuka kwezigameko ezahlukene zezindiza ze-Kulula ne-British Airways.

I-Comair inkampani ephethe izindiza ze-Kulula ne-British eNingizimu Afrika.

Ngonyaka ka-2007, izindiza ze-Comair zamiswa ezweni lonke ngemuva kokuwa kwenjini ngesikhathi isuka eKapa.

Izindiza ze-Comair ziqale ukumiswa amahora angu-24 ngoMgqibelo kusalindwe isinqumo salokho umphathi akubiza ngokuthi kuxhumene nezokuphepha.”

Ngenyanga edlule, ukusebenza kwe-Comair kubikwe ukuthi injini yayo yayinenkinga, kwabikwa nokungasebenzi kahle kwenjini kanye nokungasebenzi kahle kwegiya lokuhlalisa phansi kwendiza, kanye nokunye.

I-SACAA imemezele ukuthi kutholakale izinto ezintathu ku-level 1 kanye nokukodwa okutholakale ku-level 2.

U-level 1 kuwumphumela obeka engcupheni ukuphepha nokuvikeleka ngokushesha, futhi izindiza kufanele zihoxiswe ngokukhulu ukuphuthuma uma kutholakala lokhu. Uma kuvele u-Level 2 kusho ukuthi izindiza kumele zihoxiswe phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa.

“I-SACAA izibophezele ngokugcwele ekuqinisekiseni ukuthi lowo osebenza ukubheka izindiza ubuyela emoyeni futhi inikezele ngethimba eliphelele ukuthi lihlole futhi libuyekeze ubufakazi njengoba buthunyelwa,” kufundeka isitatimende.

“Kulokhu ukubhekelela ezokuphepha kudlula noma iziphi ezinye izidingo, futhi lokhu kuwukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika igcina irekhodi layo lokuphepha lokungabibikho kwezingozi zezindiza.”

Isikhulu se-Comair uGlenn Orsmond uthe abakwazi ukuqinisekisa ukuthi izindiza zabo zizosuka nini nokuthi inkampani yezindiza ixoxisana kanjani nabaphathi bezindiza ukuze kususwe ukumiswa ngokushesha okukhulu.

“Siphoqeleke ukuthi sihoxise izindiza. Lokhu kukhinyabeze kakhulu amakhasimende ethu, abasebenzi kanye nomphakathi ohamba ngamabhanoyi njengoba izindiza zethu zithwala u-40% wabantu ngaphandle kwemakethe,” kusho isitatimende sika-Orsmond.

“Imiphumela yomkhakha wezindiza kanye nabantu bazokwaziswa uma ukumiswa kuqhubeka isikhathi eside.”

Izihloko zakamuva