Babehleli ngenkani ebhilidini elasha okwashona kulo abangu-76

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izakhamizi zebhilidi le-Marshalltown, eGoli elasha ngoMandulo kwashona abantu abangu-76 zazisebenzisa ugesi oxhunywe ngokungemthetho.

Isikhulu se-City Power nophinde abe ikhansela lakule ndawo utshele ikhomishana ephinde yahlangana ngoLwesibili ukuthi izophenya ngale nhlekelele ngoLwesibili ukuthi ibhilidi liyingozi kangakanani.

U-Arsenio Cossa, ongumphathi-jikelele we-City Power utshele ikhomishana ukuthi izikhulu zale nhlangano zasatshiswa ngokuthi zizodutshulwa noma zilinyazelwe izimoto zazo uma zizama ukunqamula ugesi kuleli bhilidi.

“Leli bhilidi libakweleta u-R3-million. NgoMandulo ngo-2022 i-City Power yathumela isikweletu kubanikazi bebhilidi ukuze baqede isikweletu noma banqanyulelwe ugesi. Kodwa inhlangano ayizange ikhokhe,” kusho uCossa.

Uthe isikweletu sinyuke safinyelela ku-R4.4 million ngoNcwaba ngo-2022.

Ngomhlaka-22 kuLwezi ngo-2022 banqamula ugesi.

Ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngu-Advocate Ishmael Semenya, uCossa uvumile ukuthi izinsongo ezibhekiswe kubo ngababehlala kuleli bhilidini azibikwanga kwa-SAPS.

UMnuz Mngameli Mnyameni, oyikhansela ewadini lesi-124 utshele ikhomishini ukuthi owayeyiMeya yase-Goli uMnuz Herman Mashaba wamtshela ukuthi leli bhilidi alifanele ukuhlala abantu.

Ngemuva kokuphawula kukaMashaba, indawo yebhilidi elisetshenziswa njengomtholampilo wabesifazane nezingane abahlukunyeziwe yavalwa yilowo owayeyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezempilo uDkt Mpho Phalatse.

Ngo-2018 ngesikhathi izikhulu ziyohlola ibhilidi zizama ukusiza abesifazane abahlukunyezwayo zaxoshwa.

UMnyameni uthe abesifazane ebhilidini bakhala kuye ngokuthi bayabesaba abesilisa abafuna ukungena ngenkani kuleli bhilidi.

Izidumbu ezingu-18 kwezingu-76 zabashone ebhilidini ngoMandulo zisalinde ukuhlonzwa emakhazeni esibhedlela iChris Hani-Baragwanath e-Soweto.

Esithombeni esingenhla: IJaji lenkantolo yomthethosisekelo eselathatha umhlalaphansi uSisi Khampepe.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva