Lubhalwe nguZukile Majova
Izigidi zabantu abasha baseNingizimu Afrika aziyigqizi qakala eyokubhalisela ukuvota nokuvota okhethweni lukazwelonke lwango-2024.
Ikhomishini ebhekelela ukhetho, izinkampani ezizimele, izinhlangano ezizimele kanye namaqembu ezepolitiki bazame ngawo wonke amandla ukugqugquzela abantu abasha abangaphezu kwezigidi ezingu-13 ukuthi babhalisele ukuvota, kodwa imizamo yaphunza.
Ngosuku lokuqala ngempelasonto yesibili yokubhalisela ukuvota, i-IEC ibike ukuthi isibhalise abantu abangu-55,019 kuphela abebeqala ukubhalisela ukuvota.
Abavoti ababalelwa ku-304,221 bavakashele izikhungo zokuvota ngoMgqibelo.
NgeSonto, i-IEC ibike ukuthi bangu-564,715 abavakashele iziteshi zokuvota ikakhulukazi ukuyobheka ukubhalisa kwabo noma ukulungisa amakheli abo.
I-IEC ithe azikho izingqinamba zanoma yiluphi uhlobo ezike zabambezela ukubhaliswa kokuvota, yaphinde yathi u-99% wezikhungo zayo zokuvota ezingu-23 303 zivuliwe ngo-8 ekuseni.
Ngisho ekubhaliseni nge-inthanethi okwavulwa i-IEC ukuze kube lula ukuthi abantu abasha babhalisele ukuvota akuzange kukhombise impumelelo.
NgoMgqibelo bangu-67,200 abantu ababhalisele ukuvota ku-inthanethi kanti bangu-34,293 ababhalise ngeSonto ntambama.
I-IEC ithe bangaphezu kuka-40 million abantu eNingizimu Afrika asebevumelekile ukuvota kodwa bangu-27 million kuphela ababhalise ohlwini lwabavoti.
URoger Jardine ongumsunguli we-Change Starts Now, uchithe impelasonto nabantu abasha njengoba iqembu lakhe libe nelkhonsathi yamahhala ethi Jamming to Vote for Change e-Heartfelt Arena ePitoli.
Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba uhambise umkhankaso wakhe esikhungweni saseNelspruit, eMpumalanga.
Umholi we-EFF uJulius Malema, usebenzise impelasonto yokubhalisela ukuvota ukuthembisa abahlomula ngo-R350 ukuthi i-EFF izobakhokhela izinkulungwane zamarandi futhi kuzoya ngezinga lemfundo yakho.
“Uma ungenawo umatikuletsheni uzothola u-R350. Uma unomatikuletsheni kuya phezulu uzothola u-R2,000. Uma uthola iziqu zakho ze-degree uzothola u-R5,000. Uma uthola eze-honours uzokhokhelwa u-R6 000,” kusho uMalema.
UMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ubekhankasa eSoweto lapho egxekwe khona ngokuvakashela isitolo esiphethwe abantu base-Ethiopia.
Abantu baseNingizimu Afrika elokishini lase-Gauteng balwela ukuqeda izitolo eziphethwe ngokungemthetho abantu bangaphandle.
Isithombe esingenhla: Ibhokisi lokuvota.
Umthombo wesithombe: X
