Ashaye udaka AmaBlitzboks kweye-Sevens

Lubhalwe nguLucky Maree

Njengoba iBlitzboks idlale ngaphandle kokuhlulwa emidlalweni yayo e-Hamilton, e-New Zealand abathandi beqembu bekumele bajabule ngaphambi kwemidlalo yamanqamu ezayo, kungani kungenjalo?

Ngaphansi komqeqeshi uSandile Ngcobo bakhombise iqembu elizalwe kabusha.

Imisebenzi kalowo owayengumqeqeshi wemidlalo ye-sevens uNeil Powell ayisoze yalibaleka kwiBlitzboks. Uzokhumbuleka hhayi kuleli kuphela njengomunye wabaqeqeshi abaqavile emlandweni ye-sevens kulo mqhudelwano.

Kodwa ngasekupheleni komsebenzi wakhe neBlitzboks, leli qembu belishoda ngefomu ethile okubukeka sengathi uNgcobo uyibuyisile.

Yonke imiqhudelwano ibonakala ingesinye isivivinyo kumaBlitzboks. Banenqwaba yezinto ezingemnandi zokwehluleka ngaphambilini ezibenza bona nabalandeli babo bengalali ebusuku, akunjalo?

Kodwa iqembu liphumelele emidlalweni yamaqoqo ngesikhathi liwina kathathu emidlalweni emithathu, ngakho kube isizathu esihle sokuthi abalandeli beBlitzboks babe nethemba lokuthola izindondo noma indondo yegolide e-Hamilton.

Kodwa-ke, bekungadaliwe.

Kusukela ngomzuzu wokuqala elakuleli belisalele emuva njengoba iqembu lase-France liyise impi kumaBlitzboks lashaya igoli zisuka nje. Abadlali abagqoke umbala oluhlaza baphinde bashaya igoli lesibili ngemuva komzuzu owodwa bashiya elakuleli lilandela ngemuva ngamaphuzu angu-12 kodwa amaBlitzboks aye aziphindiselela. Bashayeamagoli amabili ukulinganisa amaphuzu.

Iqembu lase-France liyaziwa ngokubhidlika kwesinye isikhathi kodwa-ke, nelakuleli libuye libe buthaka. Ubani ozothola lezo zinto ezinhle okufanele abadlali bebhola lombhoxo babe nazo? Iqembu lase-France lithole amaphuzu amabili ngesikhathi elakuleli lithola i-try yokuziduduza kungasabalulekile. I-France izongena kuma-quarter-final kanti elakuleli lisalelwe umdlalo wokubanga indawo yesihlanu libhekene ne-Ireland.

Elakuleli liwuqale kahle umdlalo onzima ne-Ireland kanti belihamba phambili ngomzuzu wesithathu. Kodwa i-Ireland iye yalinganisa  yazithola isihola phambili ngama-try amabili asheshayo. Elakuleli liphinde lashaya amanye amagoli kodwa uJordan Conroy uthole i-try yokuwinisa.

Yebo, umdlalo ubungahamba noma ngayiphi indlela, kodwa cha awuhambanga ngendlela yelakuleli. Ukuwina, njengoba besho enkulumweni ye-ra-ra-ra-locker-room, kuwumkhuba. Kodwa-ke, kanjalo nokulahlekelwa.

Izinkinga zelakuleli zikhona futhi zihlupha amaBlitzboks njengoba uhambo lwemidlalo ye-sevens ukhuphukela e-Sydney emqhudelwaneni wangesonto elizayo. Hamba, Blitzboks!

AmaBlitzboks (ama-try amathathu) 17-22 ngesikhathi i-France ithola (ama-try amane)

AmaBlitzboks (ama-try amabili) 14-21 ngesikhathi i-Ireland ithola (ama-try amathathu)

Esithombeni esingenhla: UShilton van Wyk oyisihlabani sakuleli emidlalweni ye-Sevens e-Hamilton

Isithombe: SARugbymag

Izihloko zakamuva