Amazwi okugcina engane eneminyaka eyisithupha kumama wayo: “Mama, angikwenzanga.”

Everson Luhanga

Ngesikhathi egcinwa ukubonwa ephila uKwanda Dladla oneminyaka eyisithupha, ubedlala nabangani bakhe egcekeni. Wabe eseshayisa ngephutha isibani semoto ebipake eduze.

Kanti-ke yilokho okumlahlekisele ngempilo yakhe. Isidumbu sakhe sitholwe ngemuva kwezinsuku eziyisishiyagalombili sintanta emfuleni i-Juksei.

Ngemuva kokulimaza imoto, kuqhamuke owesilisa obedinwe egane unwabu ngalezi zingane kanti kusolwa ukuthi uqale washaya uKwanda ngebhande.

UKwanda ukwazile ukubalekela lo mlisa.

Umamncane kaKwanda, uNonhlanhla, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi umama kaKwanda ezwa ngomonakalo odalwe yindodana yakhe, waphuma ukuyozwa ukuthi yini eyenzekile.

“Mama, angikwenzanga,” kusho uKwanda kumama wakhe ngesikhathi enyamalala emaphaseji amancane ezitiladi ezigcwele e-Alexandra.

“Umama wakhe uzame ukumbamba kodwa uKwanda ubeshesha kakhulu kunomama wakhe osanda kuthola ingane encane okwamanje,” kusho uNonhlanhla.

Uthe bagcina lapho ukubona umfana omncane.

UNonhlanhla uthe amaphoyisa namalungu omphakathi bahlangana basebenzisana izinsuku eziyisishiyagalombili befuna lo mfana omncane.

Mhla ziyi-16 kuNhlangulana, isidumbu sakhe sitholwe ngumuntu owayezidlulela silahlwe emfuleni i-Jukskei e-Alexandra, eGoli.

UNonhlanhla uthe izinsuku eziyisishiyagalombili ezichithwe kufunwa uKwanda kube isikhathi esinzima kakhulu emndenini.

“Nsuku zonke, bekungathi uKwanda uzongqongqoza emnyango. Kwesinye isikhathi umama wakhe wayesitshela ukuthi uphuphe indodana yakhe ifika ekhaya kodwa ubevuka ekhaya ingekho indodana yakhe.

“Besikhathazekile ngokuthi ukuphi nokuthi udlani. Besingazi ukuthi kwenzekeni futhi namanje asazi ukuthi yini embulele,” esho.

UNonhlanhla uthe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu iphakamisa ukuthi umfana omncane washaywa kanzima, futhi wayenemihuzuko ebonakalayo.

 “Ngesikhathi simthola, ubesopha,” engeza.

Umndeni uthe unethemba lokuthi uphenyo lwamaphoyisa luzobalethela izimpendulo ngokwenzekile.

“Esikudingayo njengomndeni izimpendulo, ukuthi kungani lo mphefumulo osemncane ubulawe ngesihluku. Mawukuthi kungenxa yesibani semoto, impela besizolikhokhela. Ubulawe yini uKwanda? ”

Okhulumela amaphoyisa ase-Alexandra uSayitsheni uSimphiwe Mbatha uthe amaphoyisa avule idokodo lophenyo. Okwamanje bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Izihloko zakamuva