Amasosha asekulungele ukuqapha iSona

Lubhalwe nguZukile Majova

Ngemuva kwezinsuku ezimbili zokuzilungiselela, umbutho wezokuvikela waseNingizimu Afrika (i-SANDF) usukulungele ukuviliyela lapho kuzokwethulwa khona inkulumo yesizwe i-Sona uMengameli Cyril Ramaphosa namuhla ebusuku.

I-SANDF iqale ukuzilungiselela mhla ziyisithupha-6 kuNhlolanja ukuze iqinisekise ukuthi konke kuhamba ngendlela.

I-Sona yanamuhla ihlanganisa iminyaka engu-30 kusukela uNelson Mandela akhipha izwe empini yombango eyayingase ime endleleni yentando yeningi iphazamise amalungelo abantu kanye nobulungiswa.

Akekho uMengameli waseNingizimu Afrika omusha othembele kumasosha kuleli ukwedlula uRamaphosa.

URamaphosa uyalele ukuthi kuthunyelwe amasosha amaningi ezindaweni ngesikhathi sokubheduka kwe-Covid-19 ngo-2020 kanti ayengaphezu kuka-2,500 amasosha ayeyalelwe ukuthi asize i-SAPS, kanti nophiko lwezempilo lwamasosha lwalutshalwe ezibhedlela.

URamaphosa uphinde wathembela embuthweni wamasosha ngesikhathi labo ababeseka owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma bezitapela bephinde becekela phansi izitolo ngoNhlangulana ngonyaka ka-2021 lokhu Okwaholel ekutheni kudlule imiphefumulo yabantu abangaphezu kuka-300 kwadla umnotho imali engaphezu kuka-R50-billion.

Abahlengikazi nodokotela be-SANDF bangenelela ngesikhathi kunesiteleka sangonyaka odlule seNehawu esasisabisa ngokubhidliza uhlelo lwezempilo lukahulumeni.

Amasosha aphinde avikela amabhizinisi nemiphakathi ngesikhathi i-EFF inemashi ye-shutdown ngoNdasa nyakenye.

Njengamanje, i-SANDF iyakha futhi ilungisa inqwaba yamabhuloho eMpumalanga, KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape acekelwe phansi izikhukhula eminyakeni emibili edlule.

URamaphosa uzokwethula iSona yakhe ngesikhathi ukucishwa kukagesi kwa-Eskom kushintshashintsha phakathi kwesigaba sokuqala kanye nesigaba sesithathu kanti lokhu kuyisikhumbuzo esicacile sokuthi isethembiso sakhe sokuqeda ukucisha kukagesi ngesikhathi ethatha izintambo asikafezeki.

Onyakeni obalulekile wokhetho, izigidi zentsha zikhethe ukungakubhaliseli ukuvota njengoba ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha sekufinyelele ku-70% kwezinye izindawo zasemakhaya.

Okungenani abantu abayizigidi cishe ezingu-28 eNingizimu Afrika baphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni, nokuyinto uRamaphosa ayiveza njengempumelelo kahulumeni we-ANC.

Enkulumweni yakhe namuhla ebusuku, uMengameli kulindeleke ukuthi aziqhelelanise ekuhlulekeni kwakhe kanye nohulumeni ukuhlenga isizwe ekulawulweni kombuso, inkohlakalo, ukuqashwa ngobungane kanye namathenda.

Nokho ukunqoba kwamaBhokobhoko eNdebeni yoMhlaba yebhola lombhoxo, iBafana ifinyelela kowandulela owamanqamu ku-Afcon, uTyla enqoba i-Grammy, kanye nokuphumelela kukaTrevor Noah noBlack Coffee phesheya kuyizindaba ezimnandi okufanele zinandise inkulumo kaRamaphosa namuhla ebusuku.

Isithombe esingenhla: Amasosha Ombutho Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva