Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
• Umnikazi wenkulisa yaseMarikana uvale isikhungo sakhe ngemuva kokuthi amaqembu amathathu afuna imali efinyelela ku-R4,000 ngenyanga.
• Abazali manje bakhokha izindleko ezengeziwe zokuthutha ukuze bathumele izingane kwezinye izindawo, okuphoqe eminye imindeni ukuba inciphise ukudla.
Amaqembu ezigelekeqe aphoqa ukuthi izikole zenkulisa zivalwe ePhilippi East, zishiye izingane zingenakunakekelwa nabazali ngaphansi kwengcindezi eyengeziwe yezimali.
Umnikazi wesikole senkulisa emijondolo yaseMarikana uthe wasivala isikhungo sakhe ngoNhlolanja ngemuva kokuthi amaqembu amathathu ahlukene emfuna imali nyanga zonke.
Ucele ukuthi igama lakhe lingadalulwa ngoba esaba ukuthi bazomlandela ngemuva.
Umnikazi wesikole uthe wasivula ngo-2019 ukuze asize abazali abasebenzayo endaweni.
Kodwa okwaqala njengebhizinisi elincane kwaba iphupho elibi.
Uthe wayephoqeleka ukuthi akhokhe imali elinganiselwa ku-R4 000 njalo ngenyanga kumaqembu ezigebengu.
Iqembu elilodwa lalifuna u-R1 500, elinye lafuna u-R2 000 kwathi elesithathu lafuna u-R1 000.
“Sabona abanikazi bezitolo beqolwa kodwa besingakaze sicabange ukuthi lokho kuzokwenzeka kithina,” usho kanje.
Uthe usebenzise yonke imali abeyilondolozile ukugcina isikole senkulisa sivuliwe.
Kodwa izimfuno zaqhubeka zikhula.
Igalelo lokugcina laba lapho abakhwabanisi bemtshela ukuthi aboleke imali komashonisa ukuze aqhubeke ebakhokhela.
“Ngabuza ukuthi ngizobaholela kanjani omashonisa ngoba bebeyithatha yonke imali,” kusho yena.
“Bathi angingenzi izinkinga zami kube inkinga yabo.”
Kulapho anquma khona ukuvala.
Uthe izigebengu zamtshela ukuthi kungcono avale kunokuthi abulawe.
Ukuvala kwakhe kumenze waphelelwa umsebenzi.
“Kumanje ngiphila ngokwenza imisebenzi efana nokuwasha izingubo. Ngiwumpheki osezingeni eliphezulu kodwa angikwazi ngisho nokuqala ibhizinisi lokudla ngoba babuye baqoqe imali kubantu abadayisa ukudla,” usho kanje.
Abazali nabo bakhokha inani.
UNksz Nolulamo Ngcubhe ongunina wezingane ezintathu osebenza ezindlini uthe manje sekumele ahambise ingane yakhe enkulisa ekude.
Ukhokha u-R400 wezokuthutha kanye no-R600 wemali nyanga zonke.
“Ngeke ngikwazi ukushiya ingane yami yodwa ekhaya ngoba ngibuya sekuhlwile emsebenzini. Izinkulisa ziyasisiza,” kusho yena.
UNgcubhe uthe izindleko ezengeziwe zimphoqe ukuthi anciphise ukudla.
“Kumele uhulumeni wethu enze okuthile ngalokhu,” kusho yena.
Izakhamizi zithi ukuqolwa kwabantu sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ePhilippi East.
Amabhizinisi amancane, abadayisi bokudla, abanikazi bezitolo manje bayawa.
Emindenini eminingi, ukuvalwa kwezikole zenkulisa kusho ukuthi izingane zilahlekelwa indawo ephephile yokufunda, kuyilapho abazali belahlekelwa ukwesekwa abakudingayo ukuze basebenze.
Esithombeni esingenhla:
Kuvalwe izikole zamabanga aphansi emijondolo yaseMarikana
Umthombo wesithombe:
