Amaqembu amakhulu amathathu anezithembiso ezinkulu zokhetho lomasipala

Lungani Zungu

I-ANC, i-DA ne-EFF, bonke sebebeke amakhadi abo, kanye nemikhankaso yabo, etafuleni ngaphambi kokhetho lomasipala oluzoba ngomhla wokuqala kuLwezi.

UMengameli we-ANC uCyril Ramaphosa uvumile ukuthi i-ANC ibe nezingqinamba eziningi futhi yehlulekile ukuphatha kahle kwabanye omasipala.

Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwe-manifesto yeqembu e-Church Square yasePitoli ngoMsombuluko, uthembise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iqembu lizohola kahle uma likhethwa.

“Sizosebenzisa abantu abanekhono ukuhola,” esho.

“Isikhathi semikhoshosho sesiphelile”.

I-ANC ilahlekelwe kakhulu e-Nelson Mandela Bay, e-City of Joburg nase-Tshwane Metros ngowezi-2016.

URamaphosa uthe iqembu lizolwela ukubuyisa amavoti alahlekile.

Iqembu lathola u-54%, isibalo esehle kakhulu lisuka ku-63% elawuthola ngowezi-2011.

Ethula i-manifesto ye-DA ku-inthanethi ngoMgqibelo, umholi weqembu uJohn Steenhuisen uthe bafuna ukuhlwitha omasipala kwi-ANC. I-DA ibe yiva ohlangothini lwe-ANC njengoba ilokhu iba ngondabuzekwayo okhethweni lohulumeni basekhaya.

“Sifuna ukuthi nibone ikhono ledolobha lenu uma sesikhiphe i-ANC esikhundleni sayo safaka uhulumeni we-DA,” kusho uSteenhuisen.

“Asikwazi ukwamukela ukuwa kwale minotho yezindawo njengohlobo oluthile. Lezi yizinto ezingashintshwa”.

Ngowezi-2011, iqembu lawina amavoti angaphansi kuka-24% labe selikhuphuka laya ku-26% ngowezi-2016.

UJulius Malema, ongumholi we-EFF uthule i-manifesto yabo yokhetho ngeSonto.

Uthe ujabulile ngempumelelo yeqembu selokhu lasungulwa ngowezi-2013.

Iqembu lithule indlunkulu yalo entsha eqanjwe ngoWinnie Madikizela-Mandela e-Marshalltown, eGoli.

Lokhu kuzobe kungokwesibili i-EFF ingenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngemuva kokuthola amavoti angaphezudlwana kuka-8% ngowezi-2016.

Phakathi kwezithembiso zakhe zokhetho, uMalema uthe iqembu lakhe lizoqeda ukusetshenziswa kwababonisi nguhulumeni.

“I-EFF ilethe ithemba kubantu baseNingizimu Afrika abajwayelekile futhi yafaka amandla ohlelweni lokuvuselela imikhandlu kamasipala njengendawo ebaluleke kakhulu futhi ebucayi kuhulumeni,” kusho uMalema.

Izihloko zakamuva