Amaphoyisa atshela iLungu lePhalamende uFadiel Adams ukuthi azinikele

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaphoyisa athi anencwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Adams i-J50 eyamaniswa nokukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ecaleni eliphambili lokubulala.

Abaphenyi bathi u-Adams uhlulekile ukuvela enkantolo futhi akazange abambisane naye ngemuva kokuhlelwa nommeli wakhe ukuthi azinikele.

Amaphoyisa athungatha iLungu lePhalamende leNational Coloured Congress uFadiel Adams ngemuva kokwehluleka kwakhe ukuzinikela.

Uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) luthe ithimba lalo eliphenya ngokubulawa kwezepolitiki liphenya u-Adams ngokukhwabanisa nokwephula umthetho.

Icala lihlobene nokubulawa kowayengumholi wophiko lwentsha ye-ANC uSindiso Magaqa.

Amaphoyisa athe anencwadi egunyaza ukuboshwa kuka-Adams i-J50.

Bathe incwadi egunyazayo imayelana nezinsolo zokuthi wagxambukela ophenyweni.

Abaphenyi bathe u-Adams uthinte inkabi elahlwe yicala yagwetshwa. Bathe lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka uphenyo.

Amaphoyisa athe azamile ukuthola u-Adams emakhelini amaningi axhumene naye. Baphinde benza nezinhlelo nommeli wakhe ukuthi azinikele ngoMsombuluko ngomhlaka-4 kuNhlaba ka-2026, esiteshini samaphoyisa aseKapa.

Bathe u-Adams akazange abambisane nabo futhi abafikanga.

Amaphoyisa athe naye ubezovela enkantolo yaKwaZulu-Natal ngalo lolo suku kodwa wehluleka.

Bathe benze imizamo eminingi yokuxhumana nommeli wakhe kodwa bahluleka.

Imibiko ithi amaphoyisa abehlomile aseshe umuzi oseMitchells Plain ezintatha zangoMgqibelo ngesikhathi emfuna.

Amaphoyisa anxuse u-Adams ukuthi aye esiteshini samaphoyisa esiseduze naye ngaphandle kokulibala.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa athi athungatha iLungu lePhalamende uFadiel Adams ngemuva kokuthi ehlulekile ukuzinikela ngoMsombuluko.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva