Amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engama-50 ubudala ngokuthumba usana eminyakeni engama-20 edlule

Everson Luhanga

Owesifazane uboshwe ngemuva kweminyaka ahlwitha usana olusanda kuzalwa ngosuku umama walo aphuma ngalo esibhedlela.

Amaphoyisa ase-Ermelo akwazile ukuthola owesifazane osekuphele iminyaka engamashumi amabili engabonwa umndeni wakhe, ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni saseMpumalanga uBrigadier Selby Mohlala.

UMohlala uthe ngomhla zingama-23 kuNdasa ngowezi-2001, owesifazane owayeneminyaka eyi-16 ngaleso sikhathi wabeletha ingane yentombazane kanti bobabili baphuma ngalolo suku esibhedlela sase-Ermelo Provincial.

“Ngesikhathi besendleleni beya ekhaya (e-Breyten) nomamncane wengane, bahlangana nowesifazane okuthiwa wacela ukusiza ngokuphatha ingane njengoba umama wayo wayesezinhlungu futhi ephethwe isiyezi ngenkathi umamncane eya isitolo esiseduze,” usho kanje esitatimendeni.

Ngemuva kwesikhashana umsolwa kuthiwa wathatha ingane wathembisa ukubuya futhi wahamba ngendlela umamncane wengane ahambe ngayo.

“Umamncane wabuya, kodwa lo wesifazane akabange esabuya kwathi ngemuva kokuthungatha lo wesifazane kanye nosana isikhathi eside, imizamo yabo yabhuntsha.

Uthe lesi sigameko sabikwa esiteshini samaphoyisa e-Ermelo kwavulwa icala lokuthunjwa kwengane.

Amaphoyisa aqala ukuthungatha, kodwa kwangaba nolwazi oluthe xaxa.

Icala lashesha laphelela emoyeni, kodwa ngomhla zingama-29 kuLwezi ngowezi-2021 ithimba labaphenyi lithole igxathu eliyaphambili ophenyweni.

“Amaphoyisa enze ezinye izivivinyo lapho okwaqoqwa khona amasampula olibofuzo kwabuya nemiphumela ebe yimpumelelo ecaleni lokuthunjwa kwezingane.

“Owesifazane oneminyaka engama-50 ubudala ube eseboshwa wathweswa icala njengoba kusolakala ukuthi nguye owadala isigameko esenzeka eminyakeni engama-20 edlule,” kusho uMohlala.

Umsolwa wesifazane uvele eNkantolo yeMantshi yase-Ermelo mhla zingama-30 kuLwezi wanikezwa ibheyili yemali eyizi-R1 000.

Icala lakhe lihlehliselwe umhla ziyi-18 kuMasingana wezi-2022.

Khonamanjalo, isisulu siyiswe endaweni ephephile futhi sanikezwa usizo ngokwengqondo futhi sizokwazi ukuhlangana nomndeni waso osizalayo emasontweni azayo.

UMohlala uthe amaphoyisa aligodlile igama lomsolwa ukuze kuvikelwe isisulu.

Izihloko zakamuva