Amaphoyisa abophe abantu abane ngecala lokubulala iphoyisa nomnikazi wetekisi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Amaphoyisa abophe abantu abane mayelana nokubulawa kwephoyisa uNthabiseng Bridget Mosidi nomnikazi wetekisi uNkosinathi Ndlela ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa e-Kagiso ngomhlaka-22 kuNcwaba https://izindaba.scrolla.africa/kudutshulwe-iphoyisa-nomnikazi-wetekisi-ngaphandle-kwesiteshi-samaphoyisa-ekagiso/

Ukuboshwa kwalaba bantu kuveza inqubekelaphambili ekuxazululeni ubugebengu kulokho okukholakala ukuthi yimpi eqhubekayo yamatekisi.

Abasolwa abane, abathathu kubo okuyizihlobo, babhekene namacala okubulala amabili, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Imoto okusolakala ukuthi babaleka ngayo, i-Hyundai IX 35 eluhlaza okwesibhakabhaka engenazo izinombolo, kanti amaphoyisa abe eselandela umkhondo eholele ekuboshweni kwalaba balisa.

Abasolwa babanjwe ezintatha zangoLwesihlanu ezindaweni ezimbili ezahlukene: e-Mindalore nase-Witpoortjie e-West Rand.

Kwenye yalezi zindawo amaphoyisa athole izibhamu ezintathu zohlobo lwe-AK-47, omagazini abahlanu bezinhlamvu, izinhlamvu ezingu-121, ezinye izinhlamvu ezinkulu ezingu-84, omakhalekhukhwini kanye nesamba semali esingadalulwanga. 

Iphoyisa uMosidi ubehlezi emotweni yomshayeli wetekisi obesanda kuvela eNkantolo yeMantshi yase-Kagiso ngamacala odlame oluhlobene namatekisi ngesikhathi laba bobabili bedutshulwa ngesibhamu sohlobo oluphezulu. Bobabili bashonele endaweni yesigameko.

Umnikazi wamatekisi obulewe kuthiwa ungomunye wabanikazi bamatekisi abangu-13 ababoshwa ngoLwezi 2023 ngamacala ahlobene nodlame lwamatekisi. 

Esithombeni ngenhla: Isigameko sobugebengu obuqhubekayo ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa sase-Kagiso.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva