Akusensuku zatshwala kuqale iNdebe yoMhlaba e-Qatar

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Sekusele amasonto amathathu kuqale iNdebe Yomhlaba ye-Fifa e-Qatar kanti uma amathuba okubheja akhona, izintandokazi i-Brazil, i-Argentina, i-France ne-England.

Uma uNeymar neqembu lakhe befika e-Qatar bazobe bebheke ukunqoba okwesithupha eNdebeni Yomhlaba njengoba i-Brazil izobe inama-odds angu-9/2 kuya phezulu.

Izimbangi ze-Brazil zase-South America neziphethe isicoco se-Copa America i-Argentina, njengamanje zisohlwini lwezintandokazi ezine eziphezulu kanti ama-odds kaLionel Messi okuhola iqembu lakhe ekunqobeni iNdebe yoMhlaba angu-8/1. 

Ompetha be-France babheke kakhulu ukuthi baphinde bangene kowamanqamu njengezintandokazi zesibili kanti amathuba okuthi bawine izicoco ngokulandelana ababeka kuma-odds angu-13/2.

Kwi-Gareth Southgate kanye ne-England amathuba ebhola eliya ekhaya e-Britain alele kuma-odds cishe angu-7/1. Ngemuva kokuphuma kwabo kowandulela owamanqamu e-Russia ngo-2018 kanye nokuhlulwa kwabo kokugcina bedlala ne-Italy ku-Euro 2020, ngokuqinisekile bazofuna ukwenza okungcono kakhulu ekupheleni konyaka.

Ukaputeni we-England uHarry Kane uyena oyintandokazi yokushaya amagoli amaningi futhi amathuba okuthi abe ngumshayi magoli ovele akhona njengoba enama-odds angu-8/1. Abagadli base-France uKylian Mbappe (10/1) noKarim Benzema (14/1) yibo abalandelayo kanti uLionel Messi (14/1) noCristiano Ronaldo (16/1) nabo bayangena ohlwini.

Uma sibheka amaqembu ase-Afrika kulo mqhudelwano i-Senegal edle umhlanganiso ku-Afcon izihola phambili ngokuthi ingase ihambe ibanga elide kulo mqhudelwano. I-Cameroon, i-Ghana, i-Morocco ne-Tunisia iyabalandela ukuhlanganisa amaqembu amahlanu aqhamuka e-Afrika aya e-Qatar.

Isithombe esingenhla ngese-Brazil iphethe ifulegi lezwe

0Umthombo: @FootballJOE

Izihloko zakamuva