Sizwe Sibiya
Ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe i-B4 Now enezingoma ezingama-20 (eyokuqala yayinezingoma eziyi-12) uBlxckie usekhiphe izithombe ebezilindelwe ngabomvu zengoma yakhe ye-Trap Soul enesihloko esithi “David” ngoLwesine ebusuku.
UBlxckie uphinde wavela ku-albhamu ye-Skhanda World engomeni enesihloko esithi “Shoda Ngami” eculwa uLoki.
Ubelokhu ekhipha umculo omusha kancane kancane masonto onke kusukela ku-albhamu ethi-B4 Now, ebiehleli kunombolo yokuqala eshadini lama-albhamu e-iTunes ngoNhlaba ngowezi-2021.
INkosi “uDavide”, waseBhayibhelini, uwugqozi kobuciko bale nsizwa eneminyaka engama-21. Kuyo uzifanisa neNkosi yasendulo yaseHeberu eBhayibhelini, eyaqala iseyintsha yaba umculi owaziwayo ngaphambi kokuba ibulale umdondoshiya uGoliyathi, owayeyiqhawe lamaFilisti.
“Not a n** you can play with, Keep a stone on me like David ,” kucula uBlxckie.
Nakuba indaba yeNkosi uDavide iqondana kancane nempumelelo yalo mrepha waseThekwini, kwividiyo yomculo iveni ehamba ngesivinini esilinganiselwe emgwaqeni omude owubhuqu wasemakhaya ongenazindlu – uthwele imbuzi emnyama enamachashazi amhlophe ngemuva emotweni. Lokhu kushintsha ngemuva kwemizuzwana embalwa lapho uBlxckie ecula khona ivesi lokuqala lezingoma ezithandwa kakhulu ku-albhamu yakhe.
Igama elithi ‘Imbuzi’ igama elidumile phakathi kwabaculi be-Hip Hop nabalandeli abalisebenzisa ukuncoma umuntu owenza kahle kakhulu kulokho akwenzayo.
Ngemuva kokuphumelela kwe-albhamu yakhe yokuqala, lo mrepha uphinde wamemezela i-‘B4 Now Tour’ ukuze aqhubeke nokukhangisa i-albhamu yakhe, ngokuthi ozoqala ngokuvakashela idolobha lakubo iTheku mhla zingama-26 kuLwezi wezi-2021.
“Ngifuna labo ababekholelwa kimina ngaphambilini baziqhenye. Asenze ukuthi i-Afrika iziqhenye ngathi,” usho kanje lo mrepha ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe ekuqaleni kwalonyaka.
Umthombo wevidiyo: YouTube