“Akukho muntu ohambayo!” IKaizer Chiefs igcina abadlali bayo ukuze badlale kowamanqamu we-CAF

Menzi Magubane

Abadlali abayisishiyagalolunye beKaizer Chiefs abaphelelwe yizinkontileka ngomhla zingama-30 kuNhlangulana ngeke badedelwe kuze kube ngemuva komdlalo wamanqamu owumlando weqembu we-CAF Champions League ngomhla ziyi-17 kuNtulikazi.

NgoLwesine, Amakhosi aqinisekise ku-Scrolla.Africa ukuthi akekho ozohamba.

Leli qembu elizinze e-Naturena beliqhubeka ngendlela emangalisayo kwi-Champions League yale sizini, kanti iqembu selisemdlalweni wamanqamu ukubhekana ne-Al Ahly e-Morocco.

Lowo mdlalo udinga abadlali abanesipiliyoni, kanti iChiefs ikushiye sekwedlule isikhathi ukunweba izinkontileka zabadlali asebemkantshubomvu ababadinga kakhulu.

Futhi ngeshwa leChiefs, imithetho ye-CAF ayiwavumeli amakilabhu ukwengeza abadlali abasha kulesi sigaba somqhudelwano.

Abadlali abafana no-Itumeleng Khune, uWillard Katsande, uBernard Parker, uLebohang Manyama, uPhilani Zulu, uKhotso Moleko, uRamahlwa Mphahlele, uKhama Billiat kanye noBruce Bvuma bonke bebenezinkontileka obekumele ziphele ngoLwesithathu phakathi kwamabili.

Kuyaqondakala ukuthi Amakhosi ayefuna ukunika abanye abadlali izandiso zenkontileka zenyanga eyodwa ukuze babe yingxenye yomdlalo wamanqamu we-Champions League esikhathini esingaphansi kwamasonto amathathu kodwa ngaphansi kwemithetho ye-FIFA, amakilabhu kudingeka ukuthi andise izinkontileka zabadlali okungenani ngonyaka.

Khonamanjalo ngoLwesine, iChiefs imemezele ukuthi iqoke uKaizer Motaung Junior njengoMqondisi weqembu. UMotaung uthathe umhlalaphansi njengomdlali osezingeni eliphezulu ngowezi-2014.

Lo mdlali oneminyaka engama-33 udlale imidlalo eyi-106 njengomgadli waMakhosi washaya amagoli angama-30.

Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs

Izihloko zakamuva