Abasubathi baseNingizimu Africa bagijime kanzima ngemuva kwemvula kuma-Olimpiki angowezi-2020

Dylan Bettencourt

Abagijimi ababili baseNingizimu Africa uWayde Van Niekerk no Wanda Nel bahlulekile ukungena kowamanqamu.

UVan Niekerk ofike ngemuva kwemvula ube ngowesihlanu ukuqede ngesikhathi sika-45.14 esinganelanga ukuba angene kowamanqamu ka-400m.

Imvula ibina kakhulu ngenkathi uWanda Nel egijima u-400m kowandulela owamanqamu. Isikhathi sakhe kube u-56.35 okumubeke ukuthi aphume endaweni yesi-7 okwehlise amathuba akhe okuba angene kowamanqamu.

UVan Niekerk angeke akwazi ukuvikela isicoco sakhe sika-400m. Izikhathi eziningi uhlushwa ukulimala selokhu awina indondo yegolide e-Rio ngonyaka ka-2016.

Abaningi bebethi angeke awungenele umcintiswane kulo nyaka, kodwa ukwazile ukufika kowamanqamu ngaphambi kokuba ukusebenza kwakhe kumdumaze ekugcineni.

UVan Niekerk ulindeleke ukuba abe kumqhudelwano wabantu besilisa ka-4x400m.

UNel akakwazanga ukudlala kangcono e-Rio ngowezi-2016, kodwa wakwazi ukufika kowamanqamu ngaphambi kokuba aphume.

INingizimu Africa ibhekisise umjaho kulempelasonto lapho bebona kunethuba lokwengeza izindondo e-Tokyo ngo-2020.

Izihloko zakamuva