Abashayeli bamatekisi bashaye babulala umuntu okusolakala ukuthi uyisigebengu

Everson Luhanga

“Ekuqaleni bengicabanga ukuthi ihlaya elibi, kodwa ngibe sengithola ucingo lokuthi uManqoba ubulewe.”

UMenzi Langa ubengazitsheli ukuthi uyoke ezwe lamazwi.

Umzala wakhe uManqoba ubengomunye wezinsizwa ezine ezibanjwe ngosomatekisi elokishini lase-Alexandra zashaywa, kusolwa ukuthi bezigebenga abantu ematekisini.

Laba abanye abathathu basindile kodwa uManqoba Buthelezi ushone ngenxa yokulimala akuthole ngesikhathi eshaywa.

Bobabili abaneminyaka engama-24 bakhulele eKZN ngaphambi kokuthuthela e-Alexandra, eGoli.

“Ubudlelwano bethu bebungaphezu komzala. Ubengumngani futhi engumfowethu kimi,” kusho uMenzi.

“Angikaze ngimbone ebamba inkunzi abantu ematekisini.”

Emasontweni ambalwa edlule, kube nezigameko ezandayo zokuthi abagibeli nabashayeli babanjwa inkunzi bakhonjwe ngezibhamu e-Alex kanti nabamatekisi bathembisa ukuthi ngeke bayeke ukukhipha ubulungiswa kuze kuphele.

Lesi sigameko silandela esinye isigameko sobulungiswa besixuku esise-Zandspruit, eGauteng, lapho abantu abayisishiyagalombili begqokiswe umgexo wamathayi emoto base beshiswa ngumphakathi. Kuze kube manje, sekuboshwe abantu abayisithupha kulelo cala.

Amalungu omphakathi asabise ngokuyeka ukusebenzisa amatekisi ohlobo lwe-Toyota Avanza asendaweni ngenxa yezinga eliphezulu lobugebengu, elisongela amabhizinisi abo.

Umnikazi wetekisi ongathandanga ukudalulwa igama uthe izigebengu zihudula igama lomkhakha wamatekisi odakeni. Uthe yize kungalungile ukubulala umuntu, kodwa le iyona kuphela indlela yokubhekana nokuziphatha okunje.

“Uyababika emaphoyiseni baboshwe kodwa ngakusasa ubabona benza icala elifanayo,” esho.

Noma abanye abantu bejabula uma bebona abasolwa bejeziswa, abanye bayabazwela. Abantu abahlaselwa yilezi zixuku ezithi zifuna ubulungiswa nabo banabafowabo, omama nobaba emphakathini. Abanye abahlali baba namahloni okuzihlanganisa nezinswelaboya okuthiwa ziyabulawa, imvamisa zingenacala.

UChris Mabunda, usihlalo wesigungu samaphoyisa omphakathi wase-Alexandra uchaze ukuthi enzeka kanjani la macala.

“Bangena etekisini, bese bekhipha isibhamu babambe wonke umuntu bakhombe ngezibhamu, bafune imali, omakhalekhukhwini nezinye izimpahla”.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni uKay Makhubele uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala nokuzama ukubulala. Akukaboshwa muntu kuze kube manje.

Izihloko zakamuva