Abantu baseNingizimu Afrika bahlela imibhikisho ekhombisa ukweseka uMkhwanazi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga & Zukile Majova

Ababhikishi bahlela imilindelo yasebusuku eziteshini zamaphoyisa ezweni lonke njengoba befuna kuthathelwe izinyathelo ezinqala abasolwa ngobugebengu.

Izinkulungwane zeseka isikhulu samaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, osole uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu ngokuvikela izigebengu.

INingizimu Afrika igcwele ubugebengu kanti abaningi bathi abasazimisele ukulinda ukuthi kufezwe izithembiso zikahulumeni.

Manje sebeseka uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, owageqa amagula ngeSonto eledlule ngesikhathi ethi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uvikela izigebengu.

Kulindeleke ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa akhulume nesizwe ngeSonto ngo-7 ebusuku mayelana nenkinga yobugebengu. Ngaphambi kwalokho, izakhamuzi zihlela ukubamba imilindelo yasebusuku eziteshini zamaphoyisa ezweni lonke.

Emaqenjini o-WhatsApp avuliwe kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye, izinkulungwane zilandela uMkhwanazi.

La maqembu agxile kakhulu ezindabeni zobugebengu – akukho politiki evunyelwe futhi anenhloso eyodwa: ukuxhasa umphathi wamaphoyisa abaningi abakholelwa ukuthi ekugcineni umelana nezigebengu.

Izinsolo zibucayi kakhulu zimayelana nobudlelwane bukaMchunu nabantu ababili abaziwayo emhlabeni: uCat Matlala noBrown Mokgotsi.

URamaphosa useke wahlangana noMchunu noMkhwanazi. Manje ubhekene nesinqumo esinzima ukuthi uzomisa noma axoshe uNgqongqoshe wakhe wamaphoyisa.

Ezakhamuzini eziningi, ikakhulukazi emalokishini lapho kuvame ukubulawa abantu futhi nobugebengu budlangile l, isikhathi sokuthula sesiphelile.

E-Diepsloot umholi womphakathi uLoyiso Toyota uthe sebekhathele izithembiso eziyize.

“Sikhale kakhulu, sinxuse uhulumeni ukuthi asisize silwe nobugebengu, akukho okwenzekayo,” usho kanje.

“Mkhwanazi unesibindi uyasizwa sizomeseka ozothinta uMkhwanazi umkhwanazi uyobe ethinte thina.”

ESoweto iqulu lababhikishi lihlela ukuhlangana esiteshini samaphoyisa eKliptown kusukela ngo-6pm. Abanye eGauteng babhale izingqwembe ezikhuthaza ukuthi kube nokuthula.

Bafuna ukuthumela umyalezo ocacile kuRamaphosa ngaphambi kokuthi akhulume e-Union Buildings: yeseka izisulu zobugebengu, hhayi abantu ababhebhethekisa ubugebengu.

UNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, uthe inkulumo kaRamaphosa esizweni izolandelwa umhlangano wekomiti le-ANC eLuthuli House ngoMsombuluko.
Iqembu kumele libe nomhlangano wesigungu esiphezulu kuzwelonke ngasekupheleni kwesonto lapho kuzobe kubhungwa khona ngezokuphepha kombuso nezobunhloli.

Esithombeni esingenhla: UMengameli Cyril Ramaphosa ngaphansi kwengcindezi yokudambisa isizwe esilungele ukungena emigwaqweni.

Umthombo: GCIS

Izihloko zakamuva