Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Osomatekisi bamabanga amade eThekwini bathi kuyochitheka nhlamvana uma inkontileka kaMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ingavuselelwa ngoba ubavikele ekuchithekeni kwegazi.
Bakusho lokhu engxoxweni abebenayo neScrolla Africa eDurban Station ngoLwesihlanu lapho bebephawula khona ngodaba lukaMkhwanazi ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu.
Bathi uMkhwanazi ubavule amehlo ngezinsolo azidalule esithangamini sabeziNdaba ebesingeSonto eThekwini nokwenze osopolitiki bababuke ngelinye iso.
UMnuz Mtheza Khumalo uthe okwenziwa uMkhwanazi abasobe bakukhohlwe ngakho abazukuvuma ukuba ashenxe esikhundleni.
“Empeleni uMkhwanazi wehlise nobugebengu obesebusixakile , wabuyisa nesithunzi emaphoyiseni. Uyabona nje amaphoyisa noma eqhamuka ayahlonipheka. Ngakho akuyena umuntu wokudedelwa lona. Okusho ukuthi uma benze njalo kuyobasobala ukuthi bahlangene nazo izigebengu ukuba zisiqede. Umuntu okumele ahambe nje esingamudingi kwasanhlobo uNgqongqoshe uSenzo Mchunu. Uyabona lowa muntu ungidinile ukuthi kanti sikhala kangaka ngokubulawa kosopolitiki, ngapha yena ubala ithimba elilwa ngokubulawa kwabo,?” Kusho uKhumalo.
UMnuz Siyabonga Dumakude waseMsinga uthe uMkhwanazi akusadingeki nokuba abekulesi sikhundla akuso kodwa sekumele abenguMengameli wezwe.
“Mina ngingowasemakhaya ngakho ngiyamzonda umuntu oyiqili nokhohlakele. Yikho ngithi uMchunu akaxoshwe. uMkhwanazi uma bemuxosha bayobona kahle ngoba sigqishe naye futhi ufanelwe ukuba uMengameli waleli zwe ngoba ulwa nemboni esibulele abafwethu abaningi yezidakamizwa. Ziyaphela izingane ziphenduka imikhovu nezigebengu ezesabekayo ngenxa yezidakamizwa lezi osopolitiki abavikela abakhiqizi bazo. Uyabona uMkhwanazi mina angimazi ngqo ngoba ngimugcina kumabonakude kodwa uma engaqhamuka lapha, ngingamupha ngisho u-R100 wami wokugcina. Insizwa leyana futhi ayincengi,” kusho uDumakude.

UMnuz Zakhele Chonco obehleli neqeqebana labanye osomatekisi ndawonye bathe uma uMengameli Ramaphosa ehlulwa ukuxosha uMchunu okungcono akwehle yena ngoba bona bayakukholwa okushiwo uMkhwanazi.
“UMkhwanazi siyezwa ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ngenyanga ezayo kodwa uma iphela sithi sizoyivuselela thina ngoba sisamdinga. UMengameli yena uma ehlulwa ukuxosha uMchunu,akumane kwehle yena esikhundleni,” kuchaza uChonco nezakhe.
Kucace bha ukuthi uma ungakhuluma uthi uzwelana noMchuni erenki yaseDurban Station ungayisutha induku ngendlela abangamfuni ngayo.
UMchunu usekucacise kaningi ukuthi lezi zinsolo ezivezwa uMkhwanazi akazazi futhi akahlangani nazo.
