UMengameli uCyril Ramaphosa kumele ekugcineni athathele izinyathelo oNgqongqoshe bakhe abangasebenzi kahle noma angalahlekelwa ukuthenjwa kwakhe emphakathini, kubhala uZukile Majova kwi-Real Politics.
Lesi isikhathi esihle sokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ahlanze ikhabhinethi yakhe.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, usolwa ngokugxambukela ophenyweni lokubulawa kosopolitiki. Okubi nakakhulu ukuthi kunobufakazi bokuthi ubexhumana noMnuz Vusimuzi “Cat” Matlala okuthiwa ubandakanyeka emacaleni abucayi aphinde asebenzisane nosomabhizinisi uBrown Mogotsi.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Mkhwanazi, ugeqe amagula ngesonto eledlule, wathi amaphoyisa akhe anobufakazi bokuthi kukhona ukuxhumana kwabo. UMchunu uqale wathi akamazi uMogotsi. Wabe esehlehla, ethi lo mlisa uyiqabane nje.
Lokhu kwanele ukuthi uRamaphosa enze okuthile. Kumele axoshwe uNgqongqoshe ongaziphethe kahle futhi odonsela phansi isigungu esiphezulu.
Kodwa akufanele kuphelele lapho.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uThembi Simelane ngomunye okufanele ahambe. Wathatha imali engu-R575,000 okwavela ehlazweni le-VBS Mutual Bank futhi wenqaba ukuziphendulela noma ukuxolisa. Esikhundleni sokuthi uRamaphosa amxoshe uvele wamyisa komunye umnyango.
Kube uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uNobuhle Nkabane. Ubhekene nezinsolo ezibucayi ze-DA zokuqamba amanga ePhalamende. Uthe u-Advocate Terry Motau ungusihlalo wethimba elalimeluleka ngokuqokwa kwebhodi le-SETA. Kamuva uMotau uthe akazange abe yingxenye.
I-DA ithi uNkabane uphinde wasebenzisa kabi amandla akhe ukuze asize amalungu e-ANC ezikhundleni zakhe futhi usevelelwe amacala okukhwabanisa nenkohlakalo.Kungani esasesikhundleni?
UDavid Mahlobo, iPhini likaNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, ungomunye oqokiwe ongabazekayo. IKhomishini kaZondo iphakamise ukuthi ashushiswe ngeqhaza lakhe odabeni lokulawulwa kombuso. Ngaleso sikhathi wayenguNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso futhi esondelene noMnuz Jacob Zuma.
UZondo uthe uMahlobo waba neqhaza ekwenzeni izinto ezingajwayelekile futhi wathola imali eningi konke lokhu ngesikhathi egxambukela ebhizinisini lenkampani yansuku zonke.
URamaphosa uthe ufunde umbiko wokulawulwa kombuso. Kodwa esikhundleni sokwenza okuthile, wanika uMahlobo omunye umsebenzi kahulumeni. UMengameli unamandla agcwele okuqasha nokuxosha oNgqongqoshe namaphini oNgqongqoshe. Akakwazi ukusola abanye.
Phezu kwakho konke lokhu, i-ANC isaqhubeka nokuvikela abantu bayo.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uvikele uMchunu wagxeka uMkhwanazi ngokuphumela obala ngalezi zinsolo.
“Kuncike ekungabini namthetho kanye nokungahloniihi ukuthi ukhomishana wamaphoyisa osesikhundleni esiphezulu angakwazi ukuya kwabezindaba futhi enze izinsolo ezimbi ngalendlela,” esho.
“Futhi imingcele yokungabi namthetho nokungahlonipji ngoba ekugcineni kosuku kufanele senze okuthile ngalokhu.”
Ubeke uMchunu njengoNgqongqoshe obesebenza ngokuzikhandla esusa ubugebengu.
Kodwa lokho akusabalulekile. UMchunu uselahlekelwe ukwethenjwa umphakathi namaphoyisa.
Ezweni lonke abantu bavula amaqembu ko-WhatsApp ukuze bahlele imibhikisho uma kwenzeka uMkhwanazi emiswa.
Ngaphakathi emaphoyiseni uMkhwanazi uthathwa njengendoda enesibindi ebamba imigudu yobugebengu obuyingozi. Usekelwa abantu.
Khonamanjalo, izinhlaka zezobunhloli zixwayise uRamaphosa ngengozi yezibhelu zezwe, ezifana nezibhelu ezabulala abantu ngoNtulikazi ka-2021.
I-State Security Agency, Uphiko Lwezobunhloli Bobugebengu BaseNingizimu Afrika kanye Nombutho Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika bonke balindele noma yini engenzeka.
UNgqongqoshe wezokuVikela, u-Angie Motshekga, ukuqinisekisile kuleli sonto ukuthi uMnyango wakhe ukhathazekile ngemibhikisho emikhulu.
Abantu ezweni lonke bazizwa benganakiwe uhulumeni wabo.
Babhikisha uma bengezwakali. ONgqongqoshe abafana noMchunu, uSimelane, uNkabane noMahlobo bavikelekile ekubeni imiphakathi isaqhubeka nokuhlupheka.
Leli yithuba likaRamaphosa lokukhombisa ukuthi usohlangothini lwabantu hhayi ozakwabo kwezepolitiki.
Kumele axoshe labo abahluleka ukunakekela abantu baseNingizimu Afrika.
Osesithombeni esingenhla:UMengameli Cyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: GCIS
