Abaneme neze abagibeli ngeShosholoza Mely 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Isitimela esibizwa ngeShosholoza Meyl ebesithwele abagibeli abaningi siphoqeleke ukuthi sime kungazelelwe ngoLwesibili njengoba amasela entshontshe ujantshi.

Lesi sitimela sike sama ekuqaleni ohambweni laso ngesikhathi inyoni ebizwa ngekamikaze iphoseka ngewindi langaphambili lesitimela okuphazamise umshayeli wesitimela.

Ojantshi besitimela bebesusiwe ngase-Sasolburg e-Free State, kanti lokhu okwenzekile kubeka isitimela engcupheni yokuphuma emzileni.

Ukuze kugwenywe inhlekelele ebingase ibe khona, umshayeli uphoqeleke ukuthi ame ngokukhulu ukushesha okwesibili osukwini.

Ngenxa yalokhu abagibeli abebesuka e-Queenstown belibangise eGoli basale dengwane.

UNomaindia Bam obengumgibeli kulolu hambo uthe kusukela ekuqaleni kube nezihibe ebezikhombisa ukuthi lonke lolu hambo luyingozi.

“Besiphakathi nendawo sikhathele futhi sifuna ukulala, kodwa kudingeke ukuthi sigade imithwalo yethu. Ukube lokhu kwenzeke ebusuku ngabe sigetshengiwe,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe nakuba ukugibela isitimela kushibhile, kodwa akwanele ukubeka impilo engcupheni futhi lokhu kuhlukile ezinkingeni aseke aba nazo eqala ukugibela lesi sitimela iShosholoza Meyl.

“Uba nenhlanhla uma ufika ngesikhathi lapho uya khona, nangesikhathi ngiya e-Eastern Cape ngoZibandlela isitimela sasilokhu siphuka. Ukube nginemali ngabe angisigibeli neze isitimela esibizwa ngeShosholoza Meyl.”

Okhulumela i-Prasa, u-Andiswa Makhanda uthe olayini besitimela abakwa-Transnet waphinde wabika ukuthi bonke abagibeli bafikile lapho kade beya khona, kodwa wahluleka ukusho ukuthi kubathathe isikhathi esingakanani ukuhambisa abagibeli.

“Sibahlelele amatekisi abezobasiza ukuthi bafike emakhaya njengoba isimo sikajantshi besingakulungele ukuba baqhubeke ngesitimela.”

Isithombe esingenhla: Abagibeli abasale dengwane ngenxa yokucekelwa phansi kukajantshi wesitimela

Umthombo wesithombe: @CliffTheReporter

Izihloko zakamuva