Abalimi base-Limpopo babambe amasela antshontsha izinkomo

Elmon Tshikhudo

Izinkomo zabo bezihlatshwa masonto onke, futhi izinsalela zazo ebezishiyiwe bezihlale zishiyelwa bona ukuba bazithole futhi bazihlanze, ngakho-ke abalimi base-Nngwekhuku e-Vuwani, e-Limpopo benza icebo lokuwabamba amasela.

Baqale ukuzulazula ezindaweni abakholelwa ukuthi amasela asebenza kuzo, lapho phambilini babebulele khona izinkomo basika inyama yazo bengabonwa.

NgoLwesihlanu ebusuku, icebo labo ligcine lithele izithelo ngesikhathi bebamba amasela ezitika.

Omunye wabalimi bakule ndawo, uHulisani Sithagu, uthe ngesikhathi abasolwa bebona ukuthi sebebanjiwe, babaleka ngeveni. Omunye wabasolwa ubecashe ezihlahleni. Babanjwe nezinkomo ezine, ezimbili besezivele zishonile kanti ezimbili bezisaphila kodwa zilimele kabi emadolweni.

“Sikholwa ukuthi bazisike amadolo azo ukuze zingabaleki,” kuchaza uSithagu.

“Sizamile ukubamba abasolwa kodwa bakwazile ukubaleka ngeveni.”

Abalimi, bebengazimisele ukuvumela amadoda ukuba abaleke ngaphandle kokulwa, balandela abaphangi babajaha ngesikhulu isivinini.

“Ngesikhathi sibajaha ababili bagxume baphuma evenini babalekela ezihlahleni.”

Bakwazile ukubaleka, kodwa inhlanhla iwele endleleni yabalimi.

“Ngenhlanhla besimazi umnikazi weveni sanquma ukumyela kwakhe. Simfonele samtshela ukuthi kungcono azinikele emaphoyiseni. Ubebhekene necala lokweba imfuyo,” kusho uSithagu.

Umhlali wakule ndawo, uStephen Liphadzi, uboshiwe kanti uvele enkantolo ngamacala okweba imfuyo. 

USithagu uthe sebetholile ukuthi izinkomo zabo zithengiselwa labo abathengisa inyama ezindaweni zokuhola izibonelelo zikahulumeni nasemabhusha amancane asemakhaya.

Bekufanele babeke eyodwa yazo ngenxa yobukhulu bamanxeba. Enye isalulama emanxebeni ayo.

Muva nje, kwebiwe imihlambi yezinkomo engaphezu kwamashumi amathathu ezigodini eziseduze.

Umholi wabalimi bemfuyo uFrank Mabasa, uthe umphakathi usukhathele yilokhu kwebiwa.

“Lo mfana uvumile ukuthi uyidayisela labo abasemakethe engakahleleki.” Uthe lokhu kubi kubalimi abathembele ukuziphilisa ekuthengiseni lezi zinkomo ukuze baphile.

“Abantu abangakaze bajuluke yibo abavuna izithelo zomsebenzi wethu. Sikhungathekile kakhulu njengabalimi. Silahlekelwe kakhulu futhi lokhu kuqhubeke isikhathi eside,” kusho uMabasa.

Umsolwa akazange ayinikwe ibheyili kanti icala lakhe lihlehliselwe umhla zingama-27 kuNtulikazi ngowezi-2021.

Izihloko zakamuva