Lubhalwe nguPalesa Matlala
UGeorge Letsalo wathuthela eMoria ngenxa yempilo yakhe ngo-2019 kodwa uthi izindleko zokuhamba eziphakeme zizomisa ukuvakasha komndeni wakhe.
Abasebenzi bamabhasi bathi ukunyuka kukaphethiloli kulimaza imboni njengoba izinkulungwane zabantu ziya eLimpopo uma kunemibuthano yezenkolo.
UGeorge Letsalo wasuka emzini wakhe waya eMoria eLimpopo ngo-2019 ukuze ayothola ukwelashwa ngemva kokugula isikhathi eside. Lo wesilisa oneminyaka engu-69 ubudala ohola impesheni ushiye umkakhe nezingane wayokhonza ebandleni iZion Christian Church (ZCC) nokusebenza umhlabathi.
Njalo ngonyaka, umndeni wakhe uyahamba ukuze uhlanganyele naye ohambweni olungcwele. Abakaze baphuthelwe uhambo eminyakeni engu-20. Nokho uLetsalo uthe kuzobe kungokokugcina beza ngoba uhambo selubiza kakhulu.
Umndeni ujwayele ukonga u-R5 000 wohambo lokukhokhela imali yokugibela amabhasi, ukudla nezinto zokugeza zabantu abathathu. Ngonyaka odlule basebenzise u-R5,700, obekungaphezu kwalokho abebekuhlelile. Kulo nyaka
bonge u-R6,000, kodwa abakwazi ukuhambisana nezindleko ezikhuphukayo.
Mhlawumbe uma enye yezingane zami ithole umsebenzi kulo nyaka sizobuya ngonyaka ozayo,” kusho uLetsalo.
Angaphezu kuka-2 000 amabhasi ahambisa abantu eLimpopo nasemazweni aseduze lapho bezohlangana khona.
U-Oliver Maponya, UMengameli weSouth African National Small Bus Operators Council, uthe iMoria iyindawo ehamba phambili. Amabhasi amaningi aqhamuka eMpumalanga, eNorth West naseGauteng.
UMaponya uthe ukwenyuka kwentengo kaphethiloli kwenze izinto zaba nzima kubanikazi bamabhasi. Abantu abaningi babhukhe uhambo lwabo ngaphambi kokuba amanani enyuke.
“Abasebenzi abakwazi ukubuyela kumakhasimende ukuze balungise amanani. Kuzofanele babambe izindleko,” kusho uMaponya.
Igama lomuntu ohola impesheni lishintshiwe ukuze lilandele imigomo yeZion Christian Church.
Esithombeni esingenhla: Amalungu eBandla eMoria.
Umthombo wesithombe: Flickr
