
Dylan Bettencourt
Noma yimuphi umdlalo kanobhutshuzwayo ohlanganisa i-Al Ahly neMamelodi Sundowns ufana nempi yezinkunzi ezimbili zase-Afrika kodwa umlando kaPitso Mosimane wenza lo mdlalo ubengomunye wemidlalo ebhekwe ngabomvu e-Afrika.
UMosimane wazakhela igama ePitoli nakwi-Sundowns lapho anqoba khona izicoco eziningi zeligi nesicoco se-CAF Champions League. Ngesikhathi ememezela ukushiya kwakhe kwi-Brazillians, kwafana nenkemba ezinhliziyweni zabalandeli abangakamxoleli uMosimane ngesinqumo sakhe.
Ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili ekwi-Sundowns, wadlulela kwi-Al Ahly ngo-2020 lapho ajabulele khona impumelelo enkulu, ngesikhathi enqoba izindebe ezinkulu eziyisithupha e-Egypt.
Ngesikhathi la maqembu amabili ehlangana ngesizini edlule kowamanqamu we-CAF Champions League, kwaba ezikaMosimane ezanqoba ngo 3-1 sekuhlanganiswe yonke imidlalo.
Kodwa-ke, umdlalo owawuphakathi kwala maqembu amabili wangcoliswa yizinto ezimbi ngesikhathi abalandeli beSundowns behlasela ibhasi le-Ahly, bethuka uMosimane nomndeni wakhe ngaphandle enkundleni yezemidlalo iLucas Moripe.
Umdlalo ophakathi kwalezi zimbangi uzoqala ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku enkundleni yezemidlalo i-Cairo International, kanti umdlalo uzobe ubukhoma esiteshini se-DStv 202.
➤ Kule yesizini yebhola laseNgilandi i-Liverpool izotholana phezulu ne-Chelsea njengoba bezoqhudelana kowamanqamu we-Carabao Cup.
Kungahle kungabi yindebe ezokhumbuleka kakhulu, kodwa yithuba lokuzuza indebe nokuthi womabili amaqembu azofuna ukuyiwina.
I-Liverpool izongena emdlalweni we-Wembley njengezintandokazi, njengoba isanda kushaya i-Leeds United ngo 6-0 kowe-Premier League ngoLwesithathu ebusuku.
I-Chelsea inqobe ngo 2-0 idlala ne-Lille kowe-Champions League ngoLwesibili ebusuku kodwa ayikabi sesimweni esihle kusukela ekupheleni kwangonyaka odlule.
Umdlalo phakathi kwalezi zimbangi ngaphandle kokungabaza uzobe ushubile ngoba la maqembu azobe efuna ukuwina kowamanqamu.
Umdlalo wamanqamu we-Carabao Cup uzoba ngeSonto ebusuku ngo-6.30 kanti uzobukwa bukhoma esiteshini se-DStv 203.
➤ Ama-Proteas azobe ehlose ukuvuselela amathuba awo e-New Zealand njengoba kuzoqala umdlalo wesibili wekhilikithi ngoLwesihlanu.
INingizimu Afrika ihlulwe ngendlela eyihlazo emdlalweni wokuqala, ihlulwa ngama-innings nama-runs angu-276.
Ama-Proteas akhishwe ngama-runs angu-95 ngesikhathi somdlalo wokuqala, okuyirekhodi eliphansi kubadlali baseNingizimu Afrika okudingeka benze kangcono ngokuphindwe kayishumi uma befuna ukushiya i-New Zealand nokuthile esandleni.
Umdlalo uhlelelwe ukuthi uqale ngomhlaka-25 kuNhlolanja kuze kube umhlaka-1 kuNdasa kanti abalandeli bekhilikithi baseNingizimu Afrika bazobe benethemba lokuthi iqembu labo lizodlala kangcono e-Hagley Oval e-Christchurch.
Lo mdlalo uzoqala phakathi kwamabili ngesikhathi saseNingizimu Afrika izinsuku ezinhlanu njengoba owesibili uzobabukhoma esiteshini se-DStv 212.