Zisale dengwane iziguli ngenxa yesiteleka seNehawu 

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Kuxoshwe inqwaba yeziguli emtholampilo wase-Lusikisiki Village ngoMsombuluko ngenxa yesiteleka ebesiqala kanti njengamanje iziguli zisebumnyameni njengoba zingazi ukuthi izinto zizobuyela nini kwesijwayelekile.

Kuvalwe imitholampilo  ngenxa yesiteleka se-Nehawu futhi kulindeleke ukuthi kume izikhungo zomphakathi ezweni lonke kuleli sonto njengoba kuqinisekisiwe ukuthi sizoqhubeka nangoLwesibili.

Abantu basezigodini ezehlukene bamiswe ulayini isikhathi esingaphezu kwamahora ayisikhombisa befuna usizo emtholampilo e-Eastern Cape, kodwa ngemuva kwesikhathi batshelwe ukuthi ngeke banakekelwe ngenxa yesiteleka.

U-Andisiwe Madyibi osuke e-Mcwabantsasa uphuthelwe usuku lakhe lokuhlolwa njengoba ekhulelwe.

“Siqale ukubona abantu besinye isibhedlela besuswa beyiswa emtholampilo ngesikhathi sihleli, ngokulandelayo kwaqhamuka umhlengikazi wasitshela ukuthi kuzobhekwa abantu abasanda kubeletha nathi kumele sigoduke ngoba kukhona isiteleka.”

Umhlengikazi okhulume ne-Scrolla.Africa ongathandanga ukudalulwa uthe: “Sisebenza lapha njengenjwayelo, kodwa kungcono ngingasho ukuthi sikhona noma asikho yini isiteleka. Ngeke ngikwazi ukudalula eminye imininingwane.”

Yize iNkantolo inqume ukumisa isiteleka, i-National Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) isaqhubeka nesiteleka sayo sabasebenzi bakahulumeni ngokusho kwesikhulu sezingxoxo uZola Sapetha.

I-Nehawu nezinye izinyunyana zikahulumeni zikhulumisane isikhathi eside nohulumeni ngodaba lwamaholo. 

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ukugcizelele ukuthi kuze kube uhulumeni ulalela izimfuno zabo, abathola izidingo zomphakathi bazoqhubeka nokuthinteka.

“Izimfuno zethu esizibeke etafuleni ngo-2022 zokuthi kuqhubeke u-3%, isibonelelo sezindlu nokunye zisasebenza futhi sigxile kakhulu ekutheni asiziqali izingxoxo kulo nyaka kuze kuxazululwe izindaba zika-2022.”

“Siyazi ukuthi abantu bazothinteka. Isiteleka sinamandla, ingakho sihlala sitshela umqashi ngaphambi kokuthi siye esitelekeni futhi iyona into esinayo njengabasebenzi nezokwenza ukuthi  balalele izimfuno zethu.”

Kwezinye izingxenye zikaMasipala wase-OR Tambo izinsiza ziyaqhubeka nokuhlinzekwa njengokujwayelekile.

Isithombe esingenhla: Isiteleka se-Nehawu e-Lusikisiki

Umthombo wesithombe: Songeziwe Mapukata

Izihloko zakamuva