“YEKANI AMANGA. NIMUBULALE NGENDLALA”

Everson Luhanga

Abazali bakaShonisani Lethole abanakungabaza ukuthi isibhedlela i-Tembisa sabulala indodana yabo ngendlala, nokuthi isibhedlela siqambe amanga futhi siyaqhubeka nokuqamba amanga ngokwenzekile.

Isibhedlela sithi uShonisani – owashona ngoNhlangulana kowe-2020 – wanqotshwa igciwane le-Covid.

Kodwa abazali bakhe bathi indodana yabo eneminyaka engama-35 yabulawa yindlala.

NgoLwesithathu izinsolo eziningi zabakwaLethole ziqinisekiswe uphenyo lwe-Health Ombud lokushona kukaShonisani. Umbiko, kaSolwazi Malegapuru Makgoba, uthole umkhondo wobudedengu, ubudlabha nokungathembeki esibhedlela.

Kuze kwathatha amahora ayi-10 nemizuzu eyi-15 ukuthi udokotela aqinisekise ukuthi uShonisani useshonile.

Ubaba kaShonisani uAlbert Lethole uthi isibhedlela i-Tembisa kumele sivume ukuthi indodana yakhe yabulawa yindlala futhi siyeke ukukhipha imininingwane engamanga.

“Ngahamba nendodana yami ngaya esibhedlela ngoba ezwa izinhlungu esifubeni nasemhlane kodwa ngatshelwa ukuthi ubulewe yi-Covid-19,” kusho uAlbert.

“Angiyikholwa leyondaba. Besingakayitholi imiphumela yokuhlolelwa i-Covid-19 kuze kube namuhlanje.”

UAlbert uthe wathola ucingo oluvela endodaneni yakhe esembhedeni wasesibhedlela ithi ayinikwa ukudla.

“Bekubuhlungu kakhulu. Mina nonkosikazi wami samhambisela ukudla, ngaphambi kokuthi bambeke kwelinye iwadi lapho esasingavunyelwe ukumbona khona. Yilapho afakwa khona emshinini we-oksijini wanganikwa nokudla,” kusho uAlbert.

Umbiko kaMakgoba nawo usho into efanayo – nemininingwane ye-forensic.

“Ngakho-ke, amahora ayi-100, imizuzu engama-54 yokuhlala kwakhe ngokuphelele amahora ayi-153, imizuzu engama-54 (amaphesenti angama-65.6 esikhathi sokuhlala kwakhe esibhedlela)… UMnu Shonisani Lethole akazange akuthole ukudla ezikhathini ezimbili ezihlukene. Isikhungo sezempilo kanye nabaphathi baso kumele babhekane nokuziphendulela kanye nokubhekana nalokhu kwehluleka,” kusho uMagkoba.

Umbiko ugxile kumbhalo we-tweet kaShonisani osabalale ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi kokuba ashone, odale nomkhankaso ku-inthanethi othi #JusticeforSZhoni. Ubuthi “@DrZweliMkhize Mkhize ngingakuphendula kuma-tweets akho uma izinkinga enginazo kwesinye sezikhungo zakho ziqhubeka ngoba kuya ngokungabekezeleki futhi kubonakala sengathi abanendaba. Angikaze ngidle amahora angama-48.”

Umbiko kaMakgoba uyawufakazela lo mbhalo ngokuthi “uyiqiniso futhi uyakholakala” kanye nobufakazi besibhedlela bokuthi ukudla obekuhlinzekwa “bekungenasisekelo”.

Umama kaShonisani uPatricia, uthe uShonisani wayengumlandeli omkhulu weOrlando Pirates futhi engumpheki onekhono.

Ngesikhathi esengumfana omncane, wayekhombisa umoya wakhe omnene. “Ubehamba eyodlala ibhola kodwa agcine ngokugada amajezi nezingubo zabadlali enkundleni,” kusho uPatricia.

Ngaphezu kwalokhu okubuhlungu okutholwe nguSolwazi uMakgoba, neziyalo zokuqondiswa kwezigwegwe, isibhedlela sifuna ukuphikisana nokutholwe uphenyo.

UMnyango wezeMpilo e-Gauteng ukhombise ukuthi angeke usize ukutakula lesi sibhedlela.

“Noma ngubani ohlose ukuphonsela inselelo umbiko we-Ombud, ukwenza lokho ngamandla akhe,” kusho le nhlangano.

Izihloko zakamuva