Wesule esikhundleni owe-ActionSA

Everson Luhanga

Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba uthi ukwesula kwakhe njengekhansela kuMasipala waseGoli ukwenza lokhu ngoba efuna ukukhulisa iqembu kuzwelonke.

UMashaba umemezele ukwesula kwakhe esikhundleni ngoMsombuluko ngemuva kokuhlala izinyanga ezintathu kuphela kulesi sikhundla.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa ngoMsombuluko, uMashaba uthe bekungelula ukuthi asule njengoba iningi labalandeli bakhe belimbona njengozoba yimeya kulo masipala. Uke wasebenza njengemeya yaseGoli kwi-Democratic Alliance kusukela ngo-2016 kuya ku-2019.

Kodwa-ke uMashaba uthe bekufanele asule ukuze agxile ekwakheni iqembu njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke lwango-2024.

Uthe iqembu linabaholi abanekhono nabangakwazi ukuqhubeka nendima yakhe emkhandlwini.

“Okwamanje engigxile kukho ukwakha izinhlaka kuzo zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye njengoba iqembu lizilungiselela ukuncintisana nawo wonke amaqembu okhethweni lukazwelonke oluzayo,” usho kanje.

“Kuningi engingakwenza. Okwamanje okusemqoka ukuqinisekisa ukuthi sinezinhlaka ezinekhono ezweni lonke futhi sibe yingxenye kahulumeni ngo-2024.” usho kanje.

Uthe ukwesula kwakhe akusho ukuthi uzosuswa ngokuphelele ezindabeni ezisezingeni lomkhandlu.

“Ngisazoba yingxenye yalokho okuzobe kwenzeka kodwa ngingabambeki,” kusho yena.

UMashaba uthe unethemba lokuthi ngo-2024, i-ActionSA izokwenza kahle kakhulu.

“Kusasekusha kakhulu ukuthi singasho, kodwa uma sesethule umqulu wethu womkhankaso, sinethemba lokuthi abantu baseNingizimu Afrika bazofuna ukuhlanganyela nathi ekulungiseni lelizwe ngevoti labo,” usho kanje.

UMashaba uthe ngaphandle kokuma okuqinile kwe-ActionSA mayelana nabokufika, iqembu lineminye imigomo elizophusha ukuthi isebenze.

“Uma i-ActionSA isikuhulumeni, into esemqoka kithi ukubuyisa i-Scorpions uphiko olwahlakazwa olulwa nobugebengu nenkohlakalo,” usho kanje.

Uthe iqembu lixoxisana namadlelandawonye alo ukuze kubuyiswe izinhlelo ezifana ne-Aresebetseng, obekuhloswe ngayo ukuhlanza izitiladi zaseGoli.

Izihloko zakamuva