UZwane weSundowns uzimisele ngokugqama futhi kwimiklomelo ye-PSL

Menzi Magubane

Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane ubuyile emdlalweni wokuvikela umklomelo we-Premier Soccer League (PSL) awunqobe ngesizini edlule.

Ethatha le miklomelo ngesizini edlule, uZwane uwine i-Player Player of the Season, i-PSL Footballer of the Season ne-Midfielder of the Season.

Kule sizini, uqokwe njengomdlali ovelele wesizini nomdlali wasesiswini wesizini.

Ngeke kumangaze ukubona igama lakhe ohlwini uma sekumenyezelwa abaqokelwe i-Footballer of the Season. UMshishi useshaye amagoli ayisishiyagalolunye kuze kube manje.

Uzakwabo, umgadli uPeter Shalulile, naye uqokelwe emkhakheni we-Player’s Player of the Season.

Ukwenza kahle kukaShalulile kumbone evalela enethini amagoli ayi-11 kwisizini yakhe yokuqala njengomdlali weDowns. Usele ngamagoli amathathu ukufica ohola phambili amagoli uBradley Grobler.

Umgadli weMaritzburg United uThabiso Kutumela uphinde waqokwa njengomdlali ovelele kwi-Player’s Player of the Season. Kusukela ejoyine i-Team of Choice esuka ku-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini, useshaye amagoli ayi-12.

Bonke abaqokiwe ngokulandelayo:

Coach of the season

Benni McCarthy (AmaZulu), Manqoba Mngqithi & Rulani Mokwena (Mamelodi Sundowns) and Mandla Ncikazi (Golden Arrows)

Goalkeeper of the season

Sifiso Mlungwana (Arrows), Veli Mothwa (AmaZulu) and Denis Onyango (Sundowns)

Defender of the season

Mosa Lebusa (Sundowns), Njabulo Ngcobo (Swallows) and Tapelo Xoki (AmaZulu)

Midfielder of the season

Makhehlene Makhaula (AmaZulu), Rivaldo Coetzee and Themba Zwane (Sundowns)

Young player of the season

Bongokuhle Hlongwane (Maritzburg United), Kamogelo Mahlangu (TS Galaxy) and Evidence Makgopa (Baroka FC)

MTN8:

Victor Letsoalo (Celtic), Deon Hotto and Ben Motshwari (Pirates)

Nedbank Cup: 

Player of the tournament

Shalulile (Sundowns), Washington Arubi and Ndabayithethwa Ndlondlo (Tshakhuma)

Most promising player of the tournament

Njabulo Blom (Chiefs), Khanyisa Mayo (Richards Bay) and Moloisane Mokhele (Chippa).

Umthombo wesithombe: @mamelodisundowns