Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umphathi weqembu lebhola AmaZulu FC uMnuz Sandile Zungu ugaqele ithenda yezigidi zamarandi yokuphatha i-National Lottery (iLotto) njengoba inkontileka yeThuba iphela ngonyaka ozayo.
Inkampani kaZungu i-Gold Rush Consortium iyingxenye yezinkampani eziyisishiyagalombili ezigaqele le thenda engu R180 billion.
Ngokwemibiko yephephandaba i-City Press inkampani kaZungu ihlungwe nezinye izikhondlakhondla okubalwa kuzo i-Thebe Investment Corporation, i-Hosken Consolidated Investments kaMnuz Johnny Copelyn noYunis Shaik, i-Gold Rush Consortium kaZungu, Umbulalelo Consortium ephethwe i-Afrirent Holdings bese kuba i-Giya Games.
UZungu ethintwa i-Scrolla.Africa ukhale ngokuthi ubambeke emhlanganweni.
“Kunomhlangano engibambeke kuwo kodwa bengicela ukuthi okungenani ungithinte ngemuva kwehora ukuze sikwazi ukukhuluma,” kusho yena.
UZungu ubuye uChancellor weMangosuthu University of Technology.
Udume kakhulu nangemicimbi yabesibongo sakwaZungu yokugqugquzela imfundo nesuke ihanjelwe izifundiswa eziphezulu.
UMnuz Tebogo Malatji webhodi lakwa-Lotto uthe uNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uMnuz Parks Tau uzomemezela ekupheleni kwale nyanga labo abaphumelele ukuthatha le thenda.
Uphendula ngoMmeli wakhe ngokwemibiko.
Kwenzeka lokhu nje kukekwaba nezikhalo ngamanye amalungu ebhodi le-Lotto abesolwa ngezinsolo zenkohlakalo.
Lezi zinsolo zenziwe iLungu lePhalamende leqembu i-Build One South Africa (Bosa) eholwa uMnuz Mmusi Maimane.
Nokho abe-Lotto bazichithile lezi zinsolo.
Ngaphandle kwalokho le thenda ye-Lotto ephethwe i-Thuba izophela ngo-2025 bese kuthatha inkampani ezobe ithole ithenda.
Okunye okuvelayo ukuthi amaphepha okufaka kule thenda kuthiwa abiza imali engu-R55 000.
Ngaphandle kwaleyo mali kumele inkampani efake isicelo ibuye ikhiphe imali engu-R3 million okuthiwa ayibuyi ngisho ungayitholanga ithenda.
Ithenda ye-Lotto ike yaphathwa i-Gidani, kwaba uThingo njengoba manje iphethwe iThuba okuyinkampani kaNkk Charmaine Mabuza.