UZuma uqoke uFloyd njengomphathi wawo wonke umuntu eqenjini le-MK

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umsunguli woMkhonto weSizwe, uMnuz Jacob Zuma, usejube uMnuz Floyd Shivambu ukuthi akhe iqembu kuzo zonke izifundazwe.

Isikhundla sikaShivambu njengomgqugquzeli kazwelonke simenza umphathi wawo wonke umuntu eqenjini futhi sisho ukuthi uzokhothama kuZuma kuphela.

Lowo obeyiPhini likaMengameli kanye nomsunguli we-EFF unikezwe amandla nezibopho eqenjini le-MK.

● UShivambu uyinhloko yokuthuthukiswa kwenqubomgomo nocwaningo.

● Uyinhloko yezemfundo yezepolitiki.

● Uyinhloko yokuqapha, ukuhlola kanye nokubusa ngesibopho sokuphathwa kokusebenza kwamaLungu ePhalamende nabanye abamele umphakathi.

● Ubekwe njengomholi.

● Ujutshwe ukusungula izinhlaka zeqembu le-MK 

● Umele iqembu le-MK ezinhlakeni ze-Independent Electoral Commission (IEC).

UShivambu uthe umsebenzi wakhe wukwakha i-MK ibe iqembu elikhulu eliphikisayo labamnyama eNingizimu Afrika.

“Sidinga inhlangano entsha ezokhulula abantu bakithi; wonke amandla abamnyama kanye nenqubekela phambili kumele kuhlangane kube yi-ajenda eyodwa.

“Le nto yamaqembu amancane nangenakuphikiswa ayisimamisi ikusasa labantu abamnyama eNingizimu Afrika. Uma siqhubeka siba nenqwaba yamaqembu amancane agcina sekuyimibuso eyizicogogwana yabantu abathile,” usho kanje.

UShivambu uthe uMengameli we-MK uJacob Zuma weza kuye ngoMfumfu nesiphakamiso sokuhlanganisa amaqembu ezepolitiki abamnyama ngaphambi kokuba kumenyezelwe ngokusemthethweni iqembu le-MK ngoZibandlela.

“Ngaphakamisa ukuthi siqale sigxile okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba bese siphinde sivakashele izingxoxo kamuva,” kusho uShivambu.

Esithangamini nabezindaba sangoLwesine, uZuma uthe amaqembu epolitiki abamnyama kumele ahlangane njengoba kwenza amaqembu ezepolitiki abamhlophe.

“Ngifuna ubuke iqembu le-MK njengesixazululo ezinkingeni zakuleli, njenge-ANC eyakhulula abantu baseNingizimu Afrika – kodwa hhayi i-ANC kaRamaphosa.

Ngesikhathi kuqhubeka isithangami le nhlangano imemezele abaholi abayisishiyagalombili abaphezulu, uZuma njengomengameli kanye nowayengumengameli wamajaji e-Western Cape uJohn Hlophe njengephini lakhe.

Owayengungqongqoshe wamaphoyisa uNathi Nhleko ungusihlalo kazwelonke.

UZuma uthe labo abajutshwe ePhalamende ngeke bazithole izikhundla zobuholi eqenjini. Lokhu kusho ukuthi uShivambu kungenzeka ukuthi udele iholo lakhe njengelungu lePhalamende kanye nezinzuzo ezihambisana nomsebenzi.

Esithombeni ngenhla: UFloyd Shivambu ojoyine i-MK kuqhubeka umhlangano weqembu.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva