UZuma unezinsuku ezinhlanu zokuzinikela emaphoyiseni

“Leli cala lihlukile. Hhayi ngoba uMnu uZuma ephathwa ngendlela eyehlukile, kodwa kungenxa yesimo sokuhlasela kukaMnu Zuma izinkantolo,” kusho isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.

Uthe akungabazeki ukuthi uMnu uZuma udelele inkantolo. Wehlulekile ukulandela umyalelo weNkantolo Yomthethosisekelo.

“Impela, umphakathi uzozuza ebufakazini bukaMnu uZuma embuzweni wokulawulwa kombuso, kwazise ukuthi le nkinga yenzeka ngesikhathi sakhe. Ukuhleleka okubumbene okuphinde kwadelelwa kuzomane kuvimbele ubuqotho beNkantolo Yomthethosisekelo.”

UZuma wenqaba ukuvela kwikhomishini ebhekele ukulawulwa kombuso ngoLwezi, nokuholele ekutheni ikhomishini icele iNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi imnikeze incwadi yenkantolo yokuthi avele phambi kwePhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo. Inkantolo yayalela uZuma ngoMasingana ukuba avele, okuyinto angayenzanga. Esikhundleni sokuvela phambi kweKhomishini kaZondo njengokuyalelwa, uZuma wabhalele iJaji Elikhulu eliphumayo uMogoeng Mogoeng waqhathanisa inkantolo enkulu nohulumeni wobandlululo.

Angancamela ukuba “yisiboshwa seNkantolo yoMthethosisekelo,” osekuyinto ayisho kaningana.

Ikhomishini kaZondo yacela inkantolo enkulu ngoNdasa ukuthi igwebe uZuma iminyaka emibili ebhadla ejele, kodwa wehluleka ukwethula ubufakazi.

UKhampepe uthe abezobulungiswa abakaze “babukelwe phansi kanje” nguZuma ekuhlaseleni kwakhe okuhlukahlukene nokuthi isigwebo asinikiwe akusona isijeziso esifanele ngoba kungaba yisibonakaliso esingalungile kwabanye.

Incwadi yokwahlulela yabhalwa ngamajaji uLeona Theron noChris Jafta. Laba babhala isinqumo sokuqala esaphoqa uZuma ukuthi afakaze kule khomishini.

Le ndaba isaqhubeka futhi izobuyekezwa usuku lonke.

Izihloko zakamuva