UZuma kuZondo: Voetsek!

Kungenzeka ukuthi uJacob Zuma kanye nePhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo balibangise kokunye ukungqubuzana kwezomthetho.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uZondo ephonse isicelo salowo owayenguMengameli sokuba  ahoxiswe ekubeni  ngusihlalo wekhomishini kaZondo ngewindi ngoLwesine.

Ethukuthele egane unwabu, uZuma nethimba lakhe labammeli eliholwa ngu-Advocate Muzi Sikhakhane baphume ngesamagundane ebhilidini lekhomishini ngaphandle kokuvalelisa, okushiye uZondo ethukuthele ngokufana.

Ngemuva kokuthi uZondo ekhiphe isinqumo sakhe, uSikhakhane akazange ananaze ukusho ukuthi bazosithatha basibuyekeze.

Uphinde watshela uZondo ukuthi bazombika kwiKhomishini Yezobulungiswa ngokuba “yijaji embangweni othintana naye.”

Umyali wabammeli kaZuma uEric Mabuza ukuphikile ukuthi, lowo owayengumengameli uyishiye ngokungemthetho ikhomishini.

“Angivumelani (nokuthi baphula umthetho nokuthi uZuma wenze icala). Sacela ukuphuma,” kusho uMabuza.

Izihloko zakamuva