UZondo ukhexe umlomo ngesinqumo sikaNorma Mngoma

Lungani Zungu

UNorma Mngoma ujikele iKhomishini ePhenya Ngokulawulwa koMbuso Yindlanzana ngomzuzu wokugcina ngoLwesibili, washiya uSihlalo wayo oyiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo “emangele” ngesinqumo sakhe.

Unkosikazi osehlukene nowayengungqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba wazise ikhomishini ngommeli wakhe, u-Advocate Gcwalisile Makhathini ngesinqumo sakhe ebesingakaze senzeke.

UMakhathini uthe lesi sinqumo sidalwe ukuphathwa kabi kwekhomishini ngobufakazi bukaMngoma.

Ubalule ukusolwa ngokungaphathwa ngendlela kwesicelo sokuthi avele, nokuholele ekutheni akhiphe ubufakazi bakhe.

Ekuqaleni, uMngoma bekulindeleke ukuthi ethule ubufakazi ngoLwesihlanu, kodwa ubufakazi bakhe bahlehliselwa uLwesibili.

Kodwa nalokho akwenzekanga.

UZondo obebonakala emangele uthe ikhomishini izombiza ukuthi avele phambi kwayo.

Usuku olulandelayo lokuvela kwakhe luzomenyezelwa uma amasamanisi esehanjisiwe.

UMngoma noGigaba bake baba yizithandani ezihamba phambili, kodwa sebephenduke inkukhu nempaka.

UMngoma bekulindeleke ukuthi adalule ukusebenzisana okuyimfihlo okusolwa ukuthi kwakuphakathi kukaGigaba nomndeni wakwaGupta.

AbakwaGupta kuthiwa babenezwi ekuqokweni kongqongqoshe beKhabhinethi futhi baba nomthelela ezinqumweni ezibalulekile zikahulumeni ngesikhathi uJacob Zuma esengumengameli.

Ngaphambi kobufakazi bukaMngoma, uGigaba wazama ukumthulisa, wanxusa ikhomishini ukuthi ivumele ubufakazi bakhe buzwakale ekusithekeni.

Uthe akafuni ukuthi umndeni wakhe uthinteke ngobufakazi bakhe.

Lezi zithandani zabopha ifindo ngowe-2014 emcimbini wendumezulu owawuhanjelwe abantu abavelele kanti futhi banezingane ezimbili.

Ubudlelwano babo baqala ukungenelwa ngamanzi endlini ngonyaka odlule ngemuva kokuboshwa kukaNorma ngamacala okwehlisa isithunzi somuntu nokulimaza impahla.

Lokhu kungemuva kokuthi kuthiwa walimaza uhlobo lwemoto i-Mercedes Benz G-Class yomngani kaGigaba.

I-National Prosecuting Authority iwahoxise wonke amacala abebhekene nawo muva nje.

Laba bobabili njengamanje baqhubeka ngesehlukaniso sabo, nokuholele ekutheni unkosikazi kaGigaba abuyele esibongweni sakhe sasekhaya, uMngoma.

Isithombe: @zondo_raymond